EzintshaMamelodi Sundowns

ISundowns ‘ifake endalini’ abayisikhombisa

ISundowns inesikwati esikhulu sabadlali abasezingeni eliphezulu futhi ingahlanganisa kalula nje amaqembu amathathu amahle ngabadlali enabo njengamanje. 

Kodwa manje uCardoso ufuna ukukushintsha lokho futhi kubikwa ukuthi usekutholile ukwesekwa ngabaphathi beqembu, ikakhulukazi umqondisi uFlemming Berg. 

Omunye wabadlali uvele washeshe wayipopola ingozi, wacela ukuthi iqembu limbolekise, lavuma.

Umdlali wasemuva uRushine De Reuck usejoyine iqembu lase-Israel ngokubolekiswa kuze kuphele isizini futhi angase adayiswe kulo unomphela uma elihlabe umxhwele. 

Futhi manje imibiko yakamuva iphakamisa ukuthi abadlali abayisikhombisa bafakwe endalini futhi iSundowns ivulelekile ukubatholela amakhaya esikhashana. 

ISundowns kuthiwa izimisele ukulalela izicelo ngoThapelo Maseko, uThembinkosi Lorch, uLesiba Nku, uLebohang Maboe, u-Erwin Saavedra noReyaad Pieterse. 

ULorch useable umataniswa neKaizer Chiefs njengoba kuthiwa izingxoxo phakathi kwala maqembu zisezingeni eliphezulu. 

UNku yena ubheke kwiStellenbosch FC kanti womabili amaqembu kuthiwa asevumelene ngemibandela yokudayiselana. 

UMaboe noMaseko akumele bashode ngamaqembu abafunayo uma kubhekwa ithalente nekhono labo.

Nokho intengo ezobekwa yiSundowns ngokubathenga ingase iwahlehlise amaqembu. 

USaavedra yena angase athwale kanzima ukuthola elinye iqembu kullei njengoba elihlulekile ukuzivez akwiSundowns kumahlandla amabili. 

UPieterse yena kungenzeka athathwe yiCape Town City njengoba ishoda nje konozinti.