
I-Upington City ishela umqeqeshi weKruger
IKruger United, ebisemjahweni wesicoco kwiMotsepe Foundation Championship kuze kube ngasekugcineni komjaho weligi, ingase ilahlekelwe umqeqeshi wayo.
ILisenethini seyithole ukuthi u-Abram Mongoya usendleleni esuka eMpumalanga, ubheke eNorthern Cape njengoba efunwa yi-Upington City khona.
Ngokolwazi olusezithebeni zethu, izingxoxo sezisezingeni eliphezulu futhi zingaphothulwa ngaphambi kokuphela kwale mpelasonto.
I-Upington ihlukane nomqeqeshi wayo uBrandon Truter ngesikhathi kuphela imidlalo kule sizini ngemuva kokungenzi ngendlela ebilindelekile.
Futhi manje kubonakala sengathi isisheshe yamthola ozongena esikhundleni sikaTruter njengoba ishela uMongoya owenze kahle kwiKruger.
“Unesicelo esivela kwi-Upington City, kodwa anginaso isiqiniseko ngemininingwane,” kusho umthombo.
“Engikwaziyo nokho ukuthi ukubheke ngabomvu lokho, kodwa yimenenja yakhe ephethe yonke into, mhlawumbe ungabuza yona.”
Imenenja kaMongoya, uGerald Baloyi akakwazanga ukunikeza impendulo eqondile ngesikhathi ebuzwa ngalolu daba lwalo mqeqeshi.
“Angikwazi ukusho okuningi kakhulu ngalesi sikhathi, kodwa yebo, khona likhona iqembu elinentshisekelo ku-Abram,” kusho uBaloyi.
“Kodwa iKruger yiyona esiziyinika ithuba kuqala. Sisalinde ukuthi babone ukuthi inquma ukuthini.
“Inikeze umqeqeshi ithuba lokuzibonakalisa futhi waqala into enhle kuyo, kungenzeka afune ukuqhubeka nawo.”
UMongoya ujoyine iKruger United ngesikhathi isanda kukhushulelwa kwiChampionship ekuqaleni kwale sizini njengephini lomqeqeshi.
Ngaleso sikhathi umqeqeshi bekunguVusi Mkhatshwa. Ekuxoshweni kukaMkhatshwa kube sekuthatha uMongoya futhi wenza umsebenzi oncomekayo.
UMongoya useke waqeqesha emaqenjini afana neSekhukhune United, iTS Sporting, neChippa United phambilini.
