DStv Premiership

Kukhonye AmaZulu ehlula i-Arrows, uNgwenya waba yiqhawe 

AmaZulu awunqobe ngo 3-2 lo mdlalo obungoMgqibelo emini. Usuthu luhambe phambili ngomzuzu ka-14.

URiaan Hanamub – obengukaputeni – ugobe ibhola kade kuyikhona, lahamba laze lagcina lisenethini.

Nokho ibuyile i-Arrows ngomzuzu ka-19, yathola elokulinganisa ngoJunior Dion obedlala okokuqala ngemuva kokusayinwa esuka kuwo AmaZulu. 

UNgwenya, osayinwe wuSuthu esuka kwiChicken Inn eZimbabwe, ube esezethula kubalandeli ngegoli ngomuzuzu ka-27. 

Abafana Bes’thende babuyile futhi ngomzuzu ka-40 bathola elokulinganisa – kulokhu lishaywa uSiyanda Mthanti. 

Nokho kuthe sekubheke unompempe ukuthi athi aziye ekhefini, uNgwenya waphinda washaya elesibili kwayiwa ekhefini esihamba phambili ngo 3-2.

Abalandeli bese belolekile futhi belindele amanye amagoli esiwombeni sesibili, kodwa yize amathuba evelile kuwo womabili amaqembu, alikho elinye igoli elingenile. 

I-Arrows yiyo ebihlasela kakhulu esiwombeni sesibili njengoba ibifuna ukuthi okungenani kuyiwe phansi kwepali iyoqedelwa khona indaba.

Kodwa ibe neshwa njengoba kube namabhola azishayise epalini yize kade esemehlulile uRichard Ofori. 

Nodonga lwasemuva loSuthu beluwenza kahle umsebenzi walo njengoba belungayivumeli i-Arrows izichanasele.

Bobabili abaqeqeshi – u-Arthur Zwane noManqoba Mngqithi – bazokweneliseka ngendlela amaqembu abo adlale ngawo futhi babone la kusamele beqinise khona. 

Womabili lamaqembu anenqwaba yabadlali abasha ezikwatini zawo futhi asakhiwa kabusha ngakho lo mdlalo ube yisivivinyo abesidinga.

AmaZulu azovula isizini entsha ngempelasonto ezayo uma esebhekene neStellenbosch FC kwiMTN8.

I-Arrows yona izoze iqale uma sekuqala imidlalo yeBetway Premiership ngempelasonto ka-Agasti 8. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO