DStv Premiership

UNabi ukhipha iqiniso ngoTau noMayele ‘abafuna’ kwiChiefs

  • Intatheli yeLISENETHINI

UNabi ukuqinisekisile ukuthi izingxoxo nalaba badlali azikaze zibe khona. 

Yize kunamahlebezi, uTau noMayele basanezinkontileka namaqembu abakuwo njemanje, i-Al Ahly nePyramids, ngokulandelana.

UTau ukhonjwa kwiChiefs nje yingoba kuthiwa uNabi umhlonze njengomunye wabadlali afisa ukuqinisa ngabo isikwati sakhe. 

Nokho uNabi ukucacisile ukuthi azikho izingxoxo ezisemthethweni ababe nazo noTau. 

“Siyayihlonipha imithetho yeFifa, futhi njengoba uTau esesalelwe wunyaka enkontilekeni yakhe ne-Al Ahly, azikho izingxoxo,” kusho uNabi etshela i-On Time Sports.

Ngempelasonto kuke kwanemibiko ethi i-Al Ahly ichithe isicelo seqembu elithile lakuleli ebelifuna ukudayiselwa uTau.

Kuke kwanemibiko futhi eveza ukuthi uMayele, owake wadlala ngaphansi kukaNabi kwiYoung Africans yaseTanzania, ufunwa uthuli yiChiefs. 

Kodwa uNabi uwachithile la mahemuhemu, wathi bebengakakhulumi nalo mdlali. 

“UMayele ufana nomndeni kimina, kodwa usenenkontileka nePyramids, asikaze sixoxisane naye.”

Yize iChiefs kubukeka ivimbekile kuTau noMayele, bakhona esibasayinile kuleli windi.

Kulabo kubalwa uFiacre Ntwari, uBongani Sam, uRushwin Dortley, uGaston Sirino, no-Inacio Miguel. 

Nokho uNabi usabheke ukuqinisa isikwati ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoSepthemba 20.

IChiefs kulindeleke ukuthi iqale isizini yayo ka-2024/25 Betway Premiership lapho izobhekana khona noMarumo Gallants ngoSepthemba 14, eFree State Stadium.