
Isixakaxaka iStellenbosch ivaleleka eDR Congo
Iphupho lokunqoba ezwenikazi seliphenduke isimo esibi eqenjini lePSL iStellenbosch FC.
Ngemuva kokuhlulwa ngo 3-0 yi-AS Otohô eCongo-Brazzaville ngeSonto leli qembu lizithole livaleleke eDemocratic Republic of Congo (DRC).
Lokhu kuhlulwa kuqede umkhankaso walo kwiConfed Cup, kodwa kubukeka sengathi leyo akuyona inkinga yalo enkulu njengamanje.
Okudonsa amehlo ngalesi simo wukuthi ozakwabo baseNingizimu Afrika iMamelodi Sundowns yona isheshe yabuya kuleli njengoba beyihlelelwe indiza yayo.
IStellies yona iphoqeleke ukuthi izame ezinye izindlela zokuphuma eDR Congo yaze yagcina iyocinga usizo ezindlini zenxusa lakuleli.
IMIZI AYIFANI
Ukukhungatheka ngaphakathi ekhempini yeStellies kuphezulu futhi lesi simo singase sithikameze kakhulu iqembu.
ISoccer Laduma ibika ukuthi umthombo osondelene neqembu uveze umehluko omkhulu phakathi kwabo “nomachaphuna kusale” ebholeni lase-Afrika.
“Iqembu belibambekile e-DRC… ISundowns inendiza yayo yangasese, ngakho bekulula kuyo ukuhamba.
“Besiqhelelene ngamakhilomitha ambalwa nehhotela labo, kodwa izindlea zokuhamba bezingafani,” kusho lo mthombo.
ICEBO ELISHA
Njengoba izinhlelo zabo zokuqala zokuhamba zingasebenzanga, le kilabhu kudingeke ukuthi ishayele icinge usizo lukahulumeni.
Ngemuva kokubonisana nenxusa laseNingizimu Afrika e-DR Congo, kugcine kuvele elinye icebo lokuthi iqembu lithole indlela ebuyela ekhaya.
- Indlela entsha: Iqembu bekumele lindizele e-Ethiopia ngoLwesithathu emini.
- Ukufika ekhaya: Uma lifika e-Addis Ababa, leli qembu bekusazodingeka lizame indiza ezobe isilisa eNingizimu Afrika.
- Isikhathi sokufika kuleli: Uma izinhlelo ezintsha zisebenzile, leli qembu likaGavin Hunt lilindeleke kuleli ngoLwesine kusihlwa.
ISIXAKAXAKA NASEKHAYA
Lesi sixakaxaka senzeke ngesikhathi esivele singesihle kuleli qembu laseNtshonalanga Kapa.
Njengamanje iStellenbosch idonsa kanzima kwiBetway Premiership njengoba isendaweni ka-12 kwilogi.
Isondele kabana endaweni eyingozi yokudliwa yizembe ekubeni sekusele imidlalo engu-15 kuphele isizini.
OKULANDELAYO
- NgeSonto: IStellenbosch izokwamukela iSingida Black Stars FC yaseTanzania e-DHL Stadium – umdlalo uqala ngo-3 ntambama.
- Iqiniso: Lo mdlalo awusasho lutho ngoba vele izifiso zeStellies ngeCaf Confed Cup sezifadalele.
Kodwa iyakudinga ukunqoba ukuze ivuselele ukuzethemba futhi ibuyise umgqigqo ngaphambi kokubuyela emidlalweni yeligi.
Umthombo uthi lesi simo ebhekane naso eDR Congo asisihle neze. “Lokhu kuzoliphazamisa iqembu,” kuqhuba umthombo.
“Basengxenyeni engezansi kwilogi futhi bebengakudingi lokhu kuphazamiseka kwalolu hlobo.”
FUNDA NALA | Iphinde yaxegiseleka iPirates kuqhathwa aweNedbank Cup
Njengoba kuyibhedele kwiligi yakuleli nakwiConfed Cup, iStellies isingageza igama ngokwenza kahle kwiNedbank Cup.
Ngemuva kokuqhelukisa iKaizer Chiefs endleleni yayo emzuliswaneni wokuqala, izobhekana neGolden Arrows kolandelayo.
