Ezintsha

Isishiphelene zisuka kwiChippa nomqeqeqeshi

Le ngcindezi nokho ayikho ngemiphumela kuphela. Enkulu isukela ekutheni kubikwa ukuthi isimo sishubile phakathi kwakhe nomqondisi wezemidlalo omusha  kuleli qembu, uSinesipho Mali.

Ngokombiko weSABC Sport uqhekeko luqale ngaphambi kokuthi kuqale isizini futhi ludalwe ukungaboni ngasolinye ngombono wesikhathi eside weqembu. 

Ukungaboni ngasolinye mayelana nokuhlonzwa kwabadlali, ukuhlelwa kweqembu, nendlela nje yokuphatha kubikwa ukuthi kudunge ubudlelwano bokusebenzisana phakathi kwalaba bobabili.

Bobabili uBadela noMali baqashwe kulezi zikhundla zabo ngesikhathi kuvalwe isizini – okube yinto enconywe ngokuthi iletha isiqalo esisha kwiChilli Boys. 

Ekuqaleni, ukufika kwabo kubonakale njengesiqalo senkathi entsha kuleli qembu lase-Eastern Cape, kodwa lowo muzwa ngathi sewusheshe wadlula.

Enkundleni, iChippa iqale umkhankaso wayo weBetway Premiership ngendlela echaze abaningi ibambana ngo 1-1 nompetha abavikela isicoco iMamelodi Sundowns.

Kodwa ayikwazanga ukugcina lowo mgqigqo njengoba ihlulwe ngo 1-0 yiDurban City ngoLwesithathu ebusuku. 

Yize kungeyona inhlekelele kangako lokhu, kodwa ukungaboni ngasolinye okwenzeka ngaphandle kwenkundla sekuphakamise ukukhathazeka.

UBadela, pneminyaka engu-35 ubudala, uqeqesha okokuqala ngokuzimela esigabeni eziphezulu, kanti ugcizelela ukuthi ukungaboni ngasolinye kuyinto ejwayelekile.

“Yebo, sihlala sinakho ukungavumelani ngezinto ezithile… Kodwa sonke silandela isifiso sikasihlalo, nendlela afuna siyithathe,” kusho uBadela ngesikhathi kwethulwa iligi.

Ngemuva kokuhlulwa yiDurban City, ugcizelele ukuthi kuseyizinsuku zokuqala: “Ukungawini emidlalweni emibili akungikhathazi. 

“Okungikhathazayo yindlela esidlala ngayo… Akumele sikhohlwe ukuthi siyiqembu elisha.”

IChippa uhlezi endaweni ka-11 kanit inephuzu elilodwa emidlalweni emibili, kanti kusazobonakala ukuthi ikilabhu izosixazulula kanjani lesi simo esikhona ethimbeni eliphethe iqembu. 

Ezakamuva ezifike emadlebeni ezintatheli zeLisenethini ziveza ukuthi kungenzeka uBadela ashiye njengoba ebona imibono yakhe beyeya kuleli qembu.