
Isiqalo esisha sikaSaleng: uzizwa esekhaya kwi-Orbit College
UMonnapule Saleng usekulungele ukuqala kabusha, futhi “ujabule kakhulu ngokubuyela ekhaya.”
Lo mdlali obeyisihlabani se-Orlando Pirates usephumele obala ngokubolekiswa kwakhe kwi-Orbit College esanda kukhushulelwa kwiligi enkulu.
Lolu wushintsho oselususe isasasa, futhi sekukhuphule ukulangazelela ngokuqala kwesizini yeBetway Premiership.
“Kumele ngibonge Ongaphezulu,” kusho uMonnapule Saleng etshela iSABC Sport, kucacile ukujabula kwakhe.
“I-Orbit College iyiqembu elihle elidlala ibhola elijabulisayo, futhi angikwazi ukulinda ukuba yingxenye yalokho.”
Lesi sinqumo besingelula kuMonnapule Saleng, ikakhulukazi ngemuva kwesikhathi esinzima engadlali kwePirates.
Isizini edlule ibe yinde kuye njengoba ijezi ebelizwa ngendaba futhi kungacaci ukuthi ikusasa lakhe libhekephi njengoba bekungaziwa wabangani nekilabhu.
“Ngalesi sikhathi esinzima bengilokhu ngiphusha futhi ngalinde ithuba lami, kodwa ngeshwa ligcine lingafikanga,” kuqhuba yena.
Kodwa-ke, izinto zibonakala zikhanya futhi kuye njengoba i-Orbit College ifike seyifongqa isigqoko kwiPirates izocela ukubolekwa yena.
Ukubolekiswa kukaMonnapule Saleng kuyo kuyithuba lokuvuselela ibhola lakhe eqenjini elingenayo ingcindezi enkulu.
Lesi sinyathelo kuye siwukubuyela ekhaya, hhayi nje ngokwendawo kodwa nangokomoya.
Uveze ukuthi iningi labadlali be-Orbit bebelokhu bexhumana naye, bemeseka, bemkhuthaza ngesikhathi ebhekene nesimo esingesihle.
“Abadlali abaningi abakhona manje kwi-Orbit College bebengikhuthaza ngesikhathi ngingadlali kwiPirates,” kwengeza uSaleng.
Lo mnyakazo wokubolekiswa kukaSaleng uzosiza yena kanye nayo i-Orbit ebheke ukuzinza esigabeni esiphezulu.
Ukufika kwakhe kukhombisa inhloso enkulu yaleli qembu elisha, elithembisa abalandeli balo ibhola elijabulisayo.
Khonamanjalo, ngaphezu kukaSaleng, i-Orlando Pirates iboleke i-Orbit umdlali wasemuva kwesokunxele uYanda Madiba.
Bakhona nabanye okulindeleke ukuthi inikele ngabo kuleli qembu elisha njengoba kuthiwa lifake isicelo sokubolekwa bona.
