Ezintsha

Isilulanda noma ingasathandi uphuthu iMan U kwi-EPL

NguNjabulo Shezi 

Lokhu kwenzè iMan U ihlale endaweni ka-14 kwilogi njengoba inaamaphuzu ayisikhombisa nje kuphela emidlalweni eyisithupha. 

Abanye abathwele uthayela kunomoya yiChelsea. Yona ixetshulwe yiBrighton ngo 3-1 nokuyehlisele endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu ayisishiyagalombili. 

NakwiLiverpool akuhambanga neze kahle njengoba ishaywe yiCrystal Palace ngo 2-1 nje kule mpelasonto.

Lo mphumela unyusele iPalace endaweni yesithathu njengoba isinamaphuzu angu-12 kanti iLiverpool ayiphazamisekanga eqhukwini njengoba isaqhwakele.

Nokho ukuhlulwa kwayo kuvulele i-Arsenal ithuba lokusondela kuyo njengoba seyisilele ngamaphuzu amabili nje manje.

Nayo i-Arsenal icishe yazithola iba ngesinye sezisulu semiphumela engalindelekile njengoba ike yazithola isilandela ngemuva kwiNewcastle United.

Nokho ivuke indlobane esiwombeni sesibili yabuyela emdlalweni ngegoli lokulinganisa elishaywe nguMikel Merino sekusele imizuzu eyisithupha umdlalo uphele.

UGabriel Malgahaes ube eyinqobisa sekuvalwe amehlo ngegoli alishaye esikhathini esengezwe ngunompempe ukukuqinisekisa ukuthi iwaqoqa wonke amaphuzu. 

IManchester City nayo ibuyise ithemba kubalandeli bayo ngokuthi ishaye iBurnley kaLyle Foster ngo 5-1, ngemuva kokudlala ngendlela engagculisi muva nje. 

Isiyonke imiphumela ye-English Premier League ihambe kanje:

  • NgoMgqibelo: Brentford 3-1 Manchester United; Manchester City 5-1 Burnley; Leeds 2-2 Bournemouth; Crystal Palace 2-1 Liverpool; Chelsea 1-3 Brighton; Nottingham Forest 0-1 Sunderland; Tottenham 1-1 Wolves
  • NgeSonto: Arsenal 2-1 Newcastle; Aston Villa 3-1 Fullham

Uwodwa umdlalo wangoMsombuluko okuyila kuzobhekana khona i-Everton neWest Ham ngo-9 ebusuku.