
UMabasa uncome izinga iPirates ‘igeza igama’ ngeBaroka
UTshegofatso Mabasa uphinde waba liqhawe le-Orlando Pirates eshaya womathathu amagoli inqoba ngo 3-1 kwiBaroka FC.
Lamaqembu abekhiphana inkani emdlalweni weNedbank Cup e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Yize iBaroka ike yazama ukuphakama ngasekupheleni komdlalo, kodwa ifice iPirates ebingagayelwe mphako.
Lezi zinkunzi zaseSoweto beziphuma endukwini enzima njengoba zishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 4-1 emdlalweni odlule.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMabasa uthe bebefuna ukugeza igama ngalo mdlalo.
“Umphumela omuhle lona kithi,” kusho uMabasa. “Besikudinga ngampela ukugeza igama…
“Bekumele sidllale ngale ndlela ngemuva komdlalo wethu odlule.
“Bekumele sizithintithe bese sibheka phambili ngoba asemaningi amaphuzu okumele siwalwele, ziseningi nezindebe esizibhekile.
“Yilokho ngqo esifuna ukukwenza – ukuya kude kunoma yimuphi umqhudelwano esiwudlalayo.”
Amagoli kaMabasa aqhamuke ngemuva kweminyakazo emihle yokuhlasela yeBucs.
Uthi lokhu kuwumphumela wokusebenza kanzima ejimini, nokufunda emidlalweni edlule.
“Yiqembu elikhulu leli elinabadlali nabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu,” kuqhuba uMabasa.
“Sifuna ukunqoba yonke imiqhudelwano. Konke kuqala ejimini nasemidlalaweni esesiyidlalile.
“Kunokuzwana okuhle eqenjini nokwesekana. Uyakubona lokho kwindlela esihlanganise ngayo umnyakazo wokushaya amagoli.
“Beyusezingeni elihle futhi ngethemba ukuthi sizokwazi ukuqhubeka ngaleli zinga nasemidlalweni elandelayo.”
