
Ishaye ithula msindo iRichards Bay ikeqa iChiefs
IKaizer Chiefs ihlulwe okweshumi emidlalweni engu-23 yeBetway Premiership, ihlulwa ngo 2-0 yiRichards Bay FC ngeSonto ntambama.
Ukuhlulwa kwenze Amakhosi ephuthelwe yithuba elihle lokukhuphuka kwilogi ngemuva kokuthi iPolokwane City naMaZulu belahle amaphuzu.
Yize iqale kahle, iKaizer Chiefs yehlulekile ukusebenzisa amathuba amqoka ewakhile esiwombeni sokuqala.
U-Ashley Du Preez ube neshwa ibhola abelingqofile ngomzuzu ka-21 livinjwa kahle ngu-Salim Magoola.
Nomzamo kaPule Mmodi, webhola alidonse ngeshodi ekude ngomzuzu wama-35 liphelele ezandleni zikaMagoola.
NoGiven Msimango naye usondelile ekushayeni igoli ngekhanda ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.
Nokho kuyiwe ekhefini zibambene futhi kungekho goli, kubukeka iChiefs isangakwazi ukuthola okuthile kulo mdlalo.
Kodwa iRichards Bay ihambe phambili ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili ngesikhathi uFezile Gcaba egqofa ibhola kade kuyikhona.
IKaizer Chiefs iphokophele phambili ukuthola igoli lokulinganisa, uGlody Lilepo naye wazama ngekhanda ngomzuzu ka-65, kodwa ibhola lanqaba ukungena enethini.
IRichards Bay beyisivale thaqa emuva, ichitha kwasani ezanywa iChiefs ukubuya kulo mdlalo.
Kuthe lapho isiphusha kakhulu iChiefs, iRichards Bay yashaya igoli eliqede wonke amathemba.
UYanela Mbuthuma uvalele ushaye igoli elikhalisile futhi elizosusa umsindo, njengoba kubonakale sengathi ubesesendaweni engamfanele.
Okuhle mhlawumbe ngeChiefs okubonakale kulo mdlalo wukubuya kuka-Edson Castillo, obonakale okokuqala selokhu alulama.
Lo mdlali ubesefomini enhle ngasekuqaleni kwesizini, kodwa walimala nokwaphazamisa kakhulu iqembu.
Lokhu kunqoba kwenyuse iNatal Rich Boyz yaya endaweni ka-11 ngamaphuzu angu-24, kwathi iChiefs yalala endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-29.
Lo mphumela unyuse ingcindezi kumqeqeshi uNasreddine Nabi ukuthi aguqule izinto, azame ukuqeda isizini ngegiya eliphezulu.
