
Asemathathu azimisele ngonozinti weKaizer Chiefs
Izinkunzi zaseTanzania iYoung Africans (Yanga) kubikwa ukuthi zizimisele ngokuthola unozinti weKaizer Chiefs uFacre Ntwari.
Futhi le kilabhu ebiqeqeshwa uNasreddine Nabi kudala kubikwa ukuthi isithumele isicelo esisemthetwheni sokubolekwa lo nozinti.
UNtwari ujoyine iKaizer Chiefs esuka kwiTS Galaxy ekuqaleni kwesizini ka-2024/25.
Kodwa manje ikusasa lakhe kuMakhosi alicaci kulandela ukuqala kwakhe ngendlela engagculisi emsebenzini wakhe eNaturena ngesizini edlule.
Lo nozinti waseRwanda udlale imidlalo eyisikhombisa kuphela kwiChiefs kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini edlule wangenelwa amagoli angu-11.
Okuvelayo wukuthi iKaizer Chiefs ibheke ukusayinisa umgadli kwezwe ngakho ifuna ukubolekisa noma ukudayisa uNtwari ukuze ivule isikhala somdlali wangaphandle.
Kubikwa ukuthi uNtwari ushiywe ngemuva ngesikhathi iqembu laMakhosi liya eNetherlands lapho lizilungiselela khona ngaphambi kwesizini entsha.
Lokhu kushubise amahlebezi okuthi indawo yakjhe eNaturena seyiphelile kodwa iqembu alikasho lutho.
Futhi manje imibiko ephuma eRwanda ithi iYanga izimisele ngokubolekwa uNtwari ngesizini ezayo.
“Unozinti weKaizer Chiefs, uFiacre Ntwari, angase abolekiswe kompetha baseTanzania iYanga SC.
“Lokhu kungase kwenzeke ngaphambi kokuphela kwewindi lokudayiselana ngabadlali,” ufundeka lo mbiko weThe New Times.
“I-Times Sport ingaqinisekisa ukuthi izinkunzi zaseTanzania iYanga SC sezike zavela kwiChiefs zibuka ngokutholakala kukaNtwari.
“Ngaphezu kwalokho, sezithumele isicelo esisemthethweni sokubolekwa lo nozonti waseRwanda.”
Iqembu lakudala likaNtwari, iGalaxy nalo kuthiwa linentshisekelo yokubolekwa yena ngesizini ezayo.
Kukhona neqembu laseFrance elidlala kwiLigue 2 elifuna ukudayiselwa yena ngokugcwele.
Ikusasa lalo nozinti kulindeleke kucace ngalo ezinsukwini ezizayo ikakhulukazi uma iChiefs seyibuyile eNetherlands ngempelasonto.
