
Isha nesobho iCape Town City kwiNFD
Sibukeka siya ngokuba wumqansa isifiso seCape Town City sokushaya ijika kwiNational First Division (NFD) eyaziwa ngeMotsepe Foundation Championship.
Leli qembu likaJohn Comitis lidliwe yizembe ngesizini edlule kwiBetway Premiership, kanti libheke ukusheshe libuyele kulesi sigaba.
Lenze izinguquko ezinqala – okukhona kuzo nokudedela inqwaba yabadlali balo abanamava – ngoba libheke ukuthi lingalibaziseki kulesi sigaba elehlele kuso.
Kuqashwe nomqeqeshi omusha waseHolland, kodwa kunhlanga zimuka nomoya njengoba lisha nesobho nje kulesi sigaba.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Njengamanje iCape Town City isendaweni ka-14 kwilogi kanti isaqoqe amaphuzu ayisithupha kuphela kulandela ukudlala ngokulingana kathathu, nokuhlulwa kathathu.
Iphinde yaba ukudla kwenduku ngoLwesithathu ntambama, ishaywa yiLeicesterford City ngo 1-0 isekhaya eKapa.
FUNDA NALA | Ezintsha ngoVelebayi noBaartmanÂ
Lo mphumela kufanele ukuthi uzobavula amehlo abaqeqeshi, babone ukuthi kusinda kwehlela futhi kuzomele bayicabange kahle eyomqeqeshi wangaphandle.
Phela lesi sigaba sidinga umqeqeshi obaziyo abadlali nebhola lakuleli – hhayi osazofunda konke.
