EzintshaKaizer Chiefs

Intuba yeChiefs yokuthola owePolokwane City

U-Oswin Appollis, obekubhekwe ngabomvu ukuthi aye e-Algeria, sekungenzeka agcine engayanga. 

IPolokwane City yayivumile ukumdayisa kwiMC Alger ngaphambi kokuthi kuqale isizini yeBetway Premiership. 

Nokho isivumelwano sokudayiselana kwabo asikaphothulwa ngokusho kombiko weSABC Sport.

Umqeqeshi wePolokwane, uPhuti Mohafe wakuveze ukuthi leli qembu selizilungiselela impilo ngaphandle kuka-Appollis. 

Ukuqinisekisile ukuthi izingxoxo sezzingeni eliphezulu. Kepha manje, kungenzeka ukuthi u-Appollis angahambi okwamanje.

Iwindi lokudayiselana ngabadlali lase-Algeria livalwa phakathi kwamabili namuhla (ngoLwesibili). 

I-MC Alger kuzomele igile izimanga ukuqedela izingxoxo zokudayiselana lingakavali. 

Okwenza izinto zibe nzima kakhulu wukuthi u-Appollis useqenjini lesizwe iBafana Bafana, eliseSouth Sudan njengamanje. 

Lokhu kuzokwenza angakwazi ukuyoqedela ukuhlolwa ngodokotela okudingekayo, ngaphandle uma bezoya eSouth Sudan beyomhlolela khona. 

I-SABC Sport ibika ukuthi imibandela nemihlomulo ngeke ibambezele njengoba isicelo se-MC Alger sihlangabezana nezidingo zika-Appollis.

Uma isivumelwano sifadalala, amakilabhu akuleli angase athole intuba yokuthola lo mdlali. 

IKaizer Chiefs isike yayikhombisa intshisekelo ngalo mdlali onekhono elihle. 

Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, ukuqinisekisile ukuthi bafuna umdlali wasophikweni. 

Njengoba sekusele izinsuku ezingu-10 kuphela ukuthi livalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali kwiPSL, iChiefs kuzomele isheshise uma isamfuna u-Appollis.

Nokho lokho kokwenzeka uma ngempela eyase-Algeria igcina iphelela emoyeni.