Ezintsha

Akalona ivukane ekuphathweni kwebhola uSibongile Marokana

Le ntokazi engumnikazi nosihlalo weLeruma Lions ithi ayifikile kodwa igalelekile ebholeni elikhokhelayo.

Izinhloso zikaMarokana zicacile: ufuna ukubona iqembu lakhe lidlala kwiBetway Premiership lapho ezojoyina khona usihlalo weGolden Arrows uMato Madlala.

Ufuna ukuba ngowesibili wesifazane ukuba neqembu eliphumelelayo esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli.

“Bengilokhu nginohlelo, bengilokhu nginombono,” kusho uSibongile kwiMetro FM muva nje. 

“Akukhona ukuthi ngivele ngavuka nje ngathi, ‘yini engingayenza namuhla’ ngabe sengingena ebholeni. Bengilokhu nginombono. 

“Okuhle ukubona yonke into ebengikhuluma ngayo seyiphila, ukuyizwa nokuba yingxenye yayo.

“Kuyangijabulisa. Kuwubizo, kujule kakhulu kunalokho abantu abakubonayo.”

Uthi ubelokhu eziqhenya ngombono wakhe, futhi ekhuluma ngawo ngokukhululekile ngoba azi ukuthi uzofezeka ngelinye ilanga. 

“Angikaze ngibe namahloni ngawo, ngikhuluma kakhulu ngawo, ngiyaziqhenya futhi ngizofika lapho engibheke khona. 

“Kungaba kuhle ukuba neqembu eliphethwe owesifazane elidlala esigabeni esiphezulu elivela eNorth West.

“Sekuyisikhathi eside sagcina ukuba neqembu esigabeni esiphezulu futhi kungaba kuhle ukwenza leso sinyathelo sokuqala, ikakhulukazi esivela kowesifazane,” kwengeza yena.

UMarokana usethenge isitifiketi sePretoria Callies sokudlala kwiMotsepe Foundation Championship kanti iqembu lakhe lizodlala okokuqala ngqa kule sizini esigabeni esikhokhelayo. 

ILions yakhe abesedlale kwi-ABC Motsepe League amasizini amabili edlule, kodwa akuthola kunzima ukukhuphukela kwiNFD.