
IChiefs isiphinde yanqoba – kulokhu ngaphandle kwenkundla
IKaizer Chiefs isinikezwe indlela evulekile yokusayinisa obengumdlali wasesiswini weCape Town Spurs u-Asanele Velebayi.
Lokhu kuza ngemuva kwesinqumo sesigungu sePremier Soccer League esixazulula izingxabano, iDispute Resolution Chamber (DRC) ngecala ebelifakwe iSpurs.
I-DRC kubikwa ukuthi ikhiphe isinqumo sokuthi inkontileka kaVelebayi kwiSpurs iphelile futhi usekhululekile ukujoyina noma yiliphi iqembu alifisayo.
ISpurs idliwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship ekupheleni kwesizini edlule obekusho ukuthi izinkontileka zabadlali seziphelile.
Phela njengoba ingasekho ezigabeni zebhola elikhokhelayo ngaphansi kwePSL, izinkontileka ebinazo kusho ukuthi nazo ziyaphela.
IChiefs yabe seyishesha yasayinisa uVelebayi noLuke Baartman abebekwiSpurs, ikholwa ukuthi sebengabadlali abatholakala mahhala.
Nokho iSpurs ishaye phansi ngonyawo, yathi basengabadlali bayo futhi iqembu elibafunayo kumele lidlule kuyo, lishiye okuncane kwesinxephezelo.
Ibe seyilufaka kwiPSL udaba lwayo ngoba imile kwelokuthi kumele bathengwe kuyo laba badlali ababili behambisana noLiam Bern, osayinwe AmaZulu FC.
NgoMsombuluko, intatheli yeSABC Sport uMazola Molefe, ibike ukuthi iPSL DRC isinqume ukuthi uVelebayi akanankontileka ndaawo.
FUNDA NALA | UPHELELWA WUTHANDO ONYIWA YISKIMU KWIDOWNS
IChiefs ibisilandele uVelebayi isikhathi eside. Ngaphambi kwesizini edlule, iSpurs kubikwa ukuthi yafuna u-R12 million ngalo mdlali kwiChiefs.
Yavele yaduba lapho, yathi ngeke yona iyikhiphe leyo mali futhi lokho kuyisebenzele njengoba manje seyigcine isimthola mahhala nje.
Akukacaci ke nokho ukuthi lesi sinqumo siyabathinta yini oBaartman noBern, kodwa akubonakali lesi sigungu singakhipha isinqumo esihlukile ngabo.
