EzintshaMamelodi Sundowns

UMotsepe udalula okwenza iSundowns ingamdedeli uCardoso

Usihlalo weMamelodi Sundowns, u-Tlhopie Motsepe, useveze isizathu esenza le kilabhu yanquma ukungamxoshi u-Miguel Cardoso ngesikhathi izinto zingahambi kahle.

UCardoso wafika eChloorkop ngoDisemba 2024, enomsebenzi omkhulu wokuletha iCaf Champions League ePitoli. 

Nokho, ngesizini yakhe yokuqala, iSundowns yahlulwa yiPyramids FC kowamanqamu ngo-2025.

Lokhu kwacasula kakhulu abalandeli, ikakhulukazi ngemuva kokuthi uCardoso eshiye ukaputeni uThemba Zwane ngaphandle emdlalweni obalulekile.

U-Thlopie Motsepe uthi nokho ukuxosha u-Miguel Cardoso ngaleso sikhathi kwakungaba yisinqumo esingaphusile.

“Singamdedela umuntu ngesikhathi esifushane kangaka, phakathi nalesi sikhathi esinzima? 

“Wasifaka kowamanqamu kwiChampions League, into esasingayenzanga eminyakeni eyisishiyagalolunye,” kusho uMotsepe.

U-Thlopie Motsepe uphinde wakhomba indlela iSundowns eyadlala ngayo kwiClub World Cup njengobufakazi bokuthi iqembu lalikhula ngaphansi kuka-Miguel Cardoso.

“Awumlethi umuntu bese kuthi lapho izinto zinyakaza kancane umxoshe,” kuchaza yena.

Ukubekezela kweSundowns kwagcina kuthele izithelo njengoba uCardoso wahola iqembu lanqoba iChampions League, laqeda ukulinda iminyaka eyishumi.