EzintshaOrlando Pirates

IPirates yehlise isisindo iphuma kwiCarling Knockout

Ukuhlulwa kwe-Orlando Pirates kwiCarling Knockout kulethe ihlazo futhi kube nzima kubalandeli ukukwamukela, kodwa kungenzeka ukuthi kube kuhle kuleli qembu. 

Eqinisweni nje, kube yisibusiso. Ukuqhubeka nokudlala kulo mqhudelwano bekuzokwengeza imidlalo eminingi kwiPirates evele inohlelo olunzima kule sizini. 

IPirates isivele idlale imidlalo emine futhi yanqoba iMTN8, kanti isasele neCaf Champions League, iBetway Premiership neNedbank Cup kwesazozidlalela. 

Leli qembu lizibeke zacaca izinhlelo zalo zesizini ukuthi lifuna ukuvikela izicoco elizinqobe ngesizini edlule, bese lengeza nesicoco sePremiership.

Liphinde ladalula, ngabadlali babo ohlelweni lokubungaza ukunqoba iMTN8, ukuthi lifuna ukwenza kangcono kwiChampions League kule sizini. 

IPirates isivele iyivikele ngempumelelo iMTN8, futhi seyidlulele esigabeni samaqoqo kwiChampions League.

Kwiligi yasekhaya, iqhwakele esicongweni futhi isemjahweni oshisayo nompetha abavikela lesi sicoco iMamelodi Sundowns yize isizini isaqala.

Noma yikuphi ukuphazamiseka okungenzeka, sonke siyazi ukuthi iSundowns izovele ivule igebe bese ihamba ize iyodla isicoco sayo seligi sesishiyagalombili kulandelana.

Uzokhmbula ke ukuthi uma sikhuluma iqiniso, iPirates yiyona kuphela iqembu elingakwazi ukukuvimba ukuthi lokho kungenzeki. 

Ngakho-ke, ngikholwa ukuthi ukuphuma kwabo kusenesikhathi kwiCarling Knockout bekuyibika elihle, futhi kungenzeka ukuthi bekuhleliwe. 

Ngisho ukuthi, uma ubheka iqembu uJose Riveiro aliqalise emdlalweni neMagesi FC, nokuthi uzindezele kanjani ukwenza izinguquko esiwombeni sesibili… kuyasolisa.

Kimina, lokho ngokusobala bekuyindlela yokulawula umthwalo weqembu, futhi ngokusobala abakwazi ukusho lokho esidlangalaleni.