EzintshaMamelodi Sundowns

Okwenza obeyisikhulu seDowns afune ukuphatha elaseZim

Igaqele isikhundla sokuhola ibhola eZimbabwe inkakha yeMamelodi Sundowns neyazakhela igama idlala phesheya e-England.

UPeter “Nsukuzonke” Ndlovu obeyimenenja kwiSundowns, useveze ukuthi ufuna ukuthatha isikhundla sokuba ngumengameli weZimbabwe Football Association (Zifa).

UNdlovu ukuveze lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neLisenethini, wathi uthatha leli gxathu empilweni yakhe ngoba ebone ibhola lifa kwelakubo.

Uthi inkohlakalo idla lubi ebholeni laseZimbabwe njengoba bese kungene abepolitiki kulo, okwenze lifadabale lingabe lingathuthuki. 

IZimbabwe ike yamiswa ebholeni lomhlaba, nokwaba nomthelela omubi kakhulu futhi kwaphoqa ukuthi kuqalwe phansi. 

“Abadlali bethu abaningi bagcine bengondinga sithebeni njengoba iFifa yashaya umthetho wokuthi bangasayinwa kwamanye amaqembu,” kusho uNdlovu.

“Abadlala kwiCastle Premiership (iligi enkulu yaseZimbabwe) bagcine bengakwazi ukuphuma bayothola amathuba angcono kwamanye amazwe. 

“Uma ngabe bephelelwa yizinkontileka emaqenjini abawadlalelayo bekuba yinkinga.

“Lolu nswinyo lweFifa lungisukumisile ngaze ngashiya umsebenzi wokuba yimenenja kwiMamelodi Sundowns.

“Ngiphumele ngaphandle kwelaseZimbabwe ngayocela usizo kuKalusha Balwya owayengumengameli weFootball Association of Zambia (Faz).

“Ngempela ungicebisile ukuthi mangibuyele ekhaya eZimbabwe ngizobamba iqhaza ekuthuthukisweni kwebhola emazingeni aphansi,” kuqhuba uNdlovu.

Uthe usethole ukwesekwa ngezinye izinkakha zebhola eZimbabwe kulo mkhankaso wakhe futhi ubona uzophumelela.

“Ngiyathanda ngoba izinkakha zaseZimbabwe ziyangeseka emkhankasweni wami wokubuyisa isithunzi sebhola lethu.”

Khonamanjalo uNdlovu  kuvela ukuthi kungenzeka agcine esenguNgqongqoshe wezeMidlalo eZimbabwe.

UNdlovu waqala ukugqama ebholeni ngakubo kwaBulawayo kwiHighlands FC, wabe esedlulela e-England.

Wafika khona wadlala kwiCoventry City, iBirmingham City, iSheffield United, neHuddersfield Town.

Wabe esebuya ezodlala eNingizimu Afrika, wadlala kwiSundowns wabe esedlulela kwiThanda Royal Zulu la awabeka khona ethala amakhokho.