
IPirates nezintsha ngoMaswanganyi ngaphambi koweMTN8
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usekuqinisekisile ukuthi umdlali wakhe wasesiswini oyisihlabani uPatrick Maswanganyi useluleme.
Uthi uMaswanganyi usekulungele ukudlala emdlalweni wamanqamu weMTN8 la iPirates izogadulisana khona neStellenbosch FC kule mpelasonto.
UPatrick Maswanganyi uthole ukulimala ngesikhathi iBucs inqoba ngo 3-0 koweBetway Premiership ibhekene neChippa United eGqeberha ngaphambi nje kwekhefu lamazwe ngamazwe.
Bekuwumdlalo lapho ebebukeka ebuyele emgqigqweni wakhe futhi washaya negoli benoDeon Hotto noTshepang Moremi.
Lokhu kulimala kumphoqe ukuthi ahoxe esikwatini seBafana Bafana, kwangena uzakwabo uSipho Mbule endaweni yakhe.
Lo mdlali ongowokuzalwa eTembisa oseshaye amagoli amathathu emidlalweni eyisikhombisa kule sizini, ubuyele ekuzilolongeni neqembu eRand Stadium ngoLwesibili.
“Yebo, uPatrick useluleme futhi ukulungele ukudlala kowamanqamu. Uma umbona enkundleni, kusho ukuthi umnyango wezokwelapha usumbuyisile,” kusho u-Ouaddou.
“Ngiyajabula ukuthi usebuyile. Ukulimala bekungekubi kangako, futhi kuhlale kubuhlungu uma abadlali bephumile ngenxa yokulimala. Ngakho lezi yizindaba ezinhle kithi.”
IPirates iphinde yakhuthazwa wukubuyela ekuziqeqesheni kukaThabiso Sesane noMakhehlene Makhaula, asebesondele ekubeni sesimweni esihle ngemuva kokungadlali isikhathi eside.
Bobabili bebengakadlali nakanye kule sizini ngemuva kokuthola ukulimala ngasekupheleni komkhankaso odlule.
Ukaputeni uNkosinathi Sibisi naye ubezilolonga neqembu njengoba esebuyile ekulimaleni akuthole ekuqaleni kwale sizini.
IPirates izophinde ibe no-Olisa Ndah njengoba naye eseluleme ngokugcwele futhi esekulungele ukubuyela enkundleni.
FUNDA NALA | URiveiro bebemeya kwi-Al Ahly
Nokho izobe imincele ukuthi abakwiBafana nakwamanye amaqembu esizwe – njengoMbule, Rele Mofokeng, Thalente Mbatha noDeon Hotto – ngeke balimale.
Phela ibheke ukuqopha umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukunqoba iMTN8 amahlandla amane kulandelana.
