EzintshaOrlando Pirates

Inkakha isikhwele yadilika kuYanela Mbuthuma wePirates

Ingwazi ye-Orlando Pirates u-Andries Sebola isikhombe umgadli uYanela Mbuthuma ngomunwe, imsola ngokuhlinzela iqembu ezibini.

Lokhu kungemuva kokuthi amaBhakabhaka ebambane ngo 1-1 neSiwelele FC emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo.

Lo mgadli oneminyaka engu-24 ubudala uzithole esenyamanambana kubalandeli bePirates muva nje. 

UYanela Mbuthuma uhhahhanyeze abalandeli ngesikhathi bebhekene neRichards Bay emdlalweni waphakathi nesonto.

Ingcindezi ifinyelele ezingeni elibi kakhulu kule mpelasonto njengoba iPirates igeje ithuba lokwelula igebe layo esicongweni selogi.

USebola, owayengumgadli ongalibheki ipali ngezikhathi zakhe, ukholwa ukuthi uMbuthuma umosha umsebenzi omuhle woRelebohile Mofokeng no-Oswin Appollis.

“Bakhe amathuba amaningi… kodwa lawo mathuba awamtholi umuntu ofanele ukuwasebenzisa,” kusho uSebola kwiSoccer Laduma. 

“UMbuthuma uhlulwa wukubamba ibhola. Uthola amathuba amaningi umdlalo ngamunye, kodwa awashwebe wonke. Yinhlekelele nje.”

Le ngwazi iphinde yangabaza ukuphusa kwesinqumo sangoJanuwari. IPirates ikhethe ukubolekisa uTshegofatso Mabasa kwiStellenbosch FC.

Lesi sinyathelo ngokusho kukaSebola, sibe yiphutha elikhulu nelingangajisa iPirates isicoco seligi.

“Ngicabanga ukuthi iPirates yenze iphutha elikhulu ngokudedela uTshegofatso Mabasa,” kwengeza le ngwazi. 

“Ubengumgadli ohlala ebhokisini futhi oqedela amabhola ngobuchule. Manje, ngoMbuthuma, yinhlekelele nje.”

Kusele imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela kanti iMamelodi Sundowns ilandela ngemuva ngephuzu elilodwa futhi inomdlalo osesandleni.

Manje umqeqeshi weBhakabhaka u-Abdeslam Ouaddou ubhekene nenkinga enkulu yokukhetha abagadli.

UYanela Mbuthuma “uyisosha elithenjwayo” ohlelweni luka-Ouaddou kodwa akubukeki kusebenza lokhu.

Emjahweni wesicoco oshubile, uma uYanela Mbuthuma engawashayi amagoli, amaBhakabhaka asengozini yokuphinde abuke indebe iphindela eChloorkop.