
Kuvela okwenza iChiefs ihudule izinyawo ngoNdlovu
- Intatheli yeLISENETHINI
IKaizer Chiefs ayinazo izinhlelo ngoDino Ndlovu yize kunemibiko eqhubekayo emmatanisa naleli qembu laseNaturena.
Lo mgadli oke wadlala kwiBafana Bafana akanaqembu njengamanje kulandela ukuhlukana neqembu laseTurkey, iSekaryaspor.
Umqeqeshi omusha weChiefs, uNasreddine Nabi, usaqhubeka nokuthungatha omunye umgadli azoqinisa ngaye.
Kodwa kuvela ukuthi uNdlovu ohlwini lwalabo lo mqeqeshi abafisa ukuthengelwa bona.
Ngokubika kwePhakaaathi iChiefs ike yalethelwa lo mgadli oneminyaka engu-34 ubudala, kodwa yabonga.
Kuthiwa abaphathi bambona engelona uhlobo lomgadli oludingeka kuleli qembu njengamanje.
“Ngingakutshela ukuthi iChiefs ayinazinhloso ngoNdlovu,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ngiyazi ukuthi umqeqeshi ufuna isipiliyoni kodwa uNdlovu akalona uhlobo lomdlali abamfunayo.
“Imali abezoyihola nayo beyizoba yinkinga kwazise lo mfo ubehola imali enhle e-Europe nase-Asia.
“Bekungeke kube wumqondo ophusile ukuthi iChiefs imkhokhele imali engaka kule minyaka yakhe.”
UNdlovu ube nempumelelo edlala emaqenjini ehlukene e-Israel, eCyprus, e-Azerbaijan naseChina.
Nokho isifiso sakhe sokuphelela eNaturena sibukeka singekuzufezeka okwamanje.
Uke waba semabhukwini eMamelodi Sundowns, iBloemfontein Celtic, iMpumalanga Black Aces neSuperSport United kuleli.
