Usevuke kweleChampionship uGeorge Maluleka
- Sibongiseni GUMBI
I-Kruger United isayinise uGeorge Maluleka, umdlali wasesiswini osemnkantshubomvu.
Leli qembu elizinze eMpumalanga lenze lesi simemezelo ngoLwesithathu ntambama.
UMaluleka ujoyina leli qembu leMotsepe Foundation Championship ngenkontileka yonyaka owodwa.
Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala ubengenayo ikilabhu kusukela eshiye AmaZulu ekupheleni kwesizini edlule.
“IKruger United Football Club ijabule ukumemezela ukusayinwa kukaGeorge Maluleka,” kusho ikilabhu esitatimendeni.
Bamukele uMaluleka, bencoma amava akhe ukuthi azoba nomthelela omuhle eqenjini.
UMaluka usedlalele amaqembu aphezulu aseNingizimu Afrika okubalwa iKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns neSuperSport United.
Usebe sebholeni elikhokhelayo miminyaka engu-18. Uqale kwi-University of Pretoria ngaphambi kokudlulela kwi-Ajax Cape Town.
Uzakhele igama kwi-Ajax ngokudlala kahle maphakathi nenkundla.
Ukusuka kwakhe lapho waya kwiSuperSport United, lapho aphinde wakhombisa khona ithalente lakhe.
Ngo-2014, ujoyine iKaizer Chiefs. UMaluleka ube yingxenye ebalulekile yeChiefs.
Isikhathi sakhe kwiChiefs saba yimpumelelo enhle, futhi sihlanganisa nokuwina isicoco seligi.
Ngemuva kweChiefs, uMaluleka ushintshele kwiMamelodi Sundowns ngo-2020.
Nokho isikhathi sakhe eChloorkop asibanga side ngendlela ayefisa ngayo, wathuthelwa kuMaZulu ngo-2022.
KuMaZulu, uMaluleka ufake isandla ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.
Amava akhe abelubalulekile kule kilabhu, kodwa imkhululile ekupheleni kwesizini edlule.
Manje, i-Kruger United inethemba lokuzuza kumava nobuholi namakhono akhe.
Yize eseneminyaka engu-35 ubudala, ubuhlakani bebhola bukaMaluleka nekhono lokuphasa lisaqinile.
OLUNYE UDABA: Kuvela igama lomunye ongase adedelwe yiPirates
I-Kruger United imbona njengomdlali obalulekile njengoba ifuna impumelelo kwiMotsepe Foundation Championship.