
Angase agcine ebonakalile uPedersen, usebhentshini koweMTN8
Kungenzeka ekugcineni abonakale enkundleni umgadli omusha we-Orlando Pirates uSebastian Pedersen ngoMgqibelo.
Lo mgadli waseNorway ukhona ebhentshini emdlalweni wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8 neSekhukhune United e-Old Peter Mokaba Stadium.
UYanela Mbuthuma nguye oqala phambili kwiPirates, okusho ukuthi uPedersen uzolinda ithuba lakhe ebhentshini.
IPirates yenze izinguquko eziningana eqenjini layo.
USimphiwe Masilela uqala okokuqala, kanti noMthetheleli Mthiyane unikezwe ithuba lokuqala.
UPatrick Maswanganyi akekho eqenjini elibhekene neSekhukhune.
Ukungabibikho kwakhe kuza ngesikhathi kunamahlebezi okuthi uRulani Mokwena ufuna lo mdlali kwiPyramids FC e-Egypt.
- FUNDA NALA | UMokwena ulinga iPirates ngesihlabani sayo
UMakhehleni Makhaula noSimphiwe Selepe nabo babuyelile eqenjini, kodwa bazoqala ebhentshini.
Ibophele kanje iPirates: Chaine, Sibisi, Seema, Hotto, Sebelebele, Mthiyane, Mokobodi, Apollis, Lungu, Masilela, Mbuthuma.
Abasebhentshini: Dladla, Zulu, Rapoo, Makhaula, Selepe, Dansin, Kgositsile, Msendami, Pedersen.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
