EzintshaOrlando Pirates

IPirates icabanga kabusha ngoSaleng ‘othukiwe’ kwi-Orbit

Leli qembu libolekise ngoMonnapule Saleng – obengomunye wezethenjwa zayo – kwi-Orbit College ngaphambi kokuqala kwesizini. 

Lokhu bekulandela ukuthi kuphele isizini edlule engasekho eqenjini kwiPirates kulandela okukhokala ukuthi kube wukuxabana phakathi kwakhe nabaphathi. 

Kodwa manje iLisenethini isithole ukuthi ngemuva kwezingxoxo zangasese, sekuthelelwene amanzi futhi sekungenzeka uSaleng abuyiselwe kwiPirates. 

Umthombo ocele ukungadalulwa uthe ngemuva kokuboniswa yizinkakha zePirates, uSaleng ube esexoxisana nabaphathi babuyisana.

“Nokho lokhu kubuyisana kwenzeke sekwephuzile kwazise ubesevele esebolekiswe kwi-Orbit ngaleso sikhathi,” kusho lo mthombo. 

Izingxoxo zokubuyela kwakhe kwiPirates bese zibhekwe ukuthi ziqalwe kabusha ngoJanuwari uma sekuvulwe iwindi. 

Kodwa njengoba kuvela ukuthi inhlalo yakhe nakwi-Orbit ayiyinhle kangako – okufakazelwe yinkulumo yomqeqeshi waleli qembu uPogiso Makhoye – sekungenzeka asheshe abuye. 

UMakhoye ukhwele wadilika kuSaleng ethi akabasizi ngalutho ngesikhathi ekhuluma kwiMetro FM muva nje.

I-Orbit seyixolisile yona kuSaleng ngalokhu, futhi yaqinisekisa ukuthi izozama ukuluxazulula ngaphakathi udaba lwakhe. 

Kodwa lokhu kuvela ukuthi kwenze iPirates yabona kungcono imbuyise uMonnapule Saleng angaze alimale kakhulu njengoba beyinethemba lokuthi uyobuyisa amandla. 

Iwindi lokubhaliswa kwabadlali kwiPSL livalwa ngesonto elizayo, ngoSeptember 22, kanti iPirates isangambuyisa lo mdlali. 

Umthombo uthe ngeke uthuke uma uSaleng ebuya buthule kwiPirates ukuze azobuyiselwa eqenjini, alwele indawo yakhe ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou. 

USaleng naye usezikhiphile izithombe zakhe egqoke umfaniswano we-Orbit College ezinkundleni zakhe zokuxhumana, ikakhulukazi i-Instagram.