
Injabulo eSoweto: iPirates izitshuzele, iChiefs yaphuma ngeyenaliti
Iphinde yazidlela amahlanga i-Orlando Pirates, ishaya iLioli FC yaseLesotho ngo 4-0, kwaba ngu 7-0 sekuhlanganiswe imiphumela ukuze idlulele phambili kwiCaf Champions League.
IPirates beyinqobe ngo 3-0 emlenzeni wokuqala obuseBloemfontein ngempelasonto edlule.
Kulokhu kube nguTshepang Moremi noYanela Mbuthuma ababe ngamaqhawe, beshaya amagoli amabili ngamunye e-Orlando Stadium.
Lokhu kusho ukuthi isizodlala esigabeni sesibili semidlalo yokuhlunga okuzothi uma idlula kuso, bese ingena kwesamaqoqo.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Ngakolunye uhlangothi, omakhelwane bayo, iKaizer Chiefs idlule sekuvalwe amehlo kwiKabuscorp yase-Angola iyihlula ngo 5-4 sekukhahlela amaphenathi.
Umdlalo womlenze wesibili esigabeni sokuhlunga kwiCaf Confederation Cup bewuphele ngo 1-0 kunqoba Amakhosi.
FUNDA NALA | Inyunyana ixwayisa uKhanye ngokuthuka abadlali
Kodwa njengoba owomlenze wokuqala bewuphele ngo 1-0 nawo, kunqoba iKabuscorp, kudingeke ukuthi kuyiwe phansi kwepali iqedelwe khona indaba.
