
Ingwadla kwiChiefs neBafana kulimala umdlali omqoka
IKaizer Chiefs neBafana Bafana babhekane nengwadla njengoba kulimele uRushwin Dortley ongomunye wezitobha ezimqoka kulamaqembu womabili.
URushwin Dortley usevele uphuthelwe yimidlalo emibili edlule yeKaizer Chiefs. Manje sekuvele ukuthi udinga ukuhlinzwa edolweni futhi ngeke abuye kuze kube ngesizini ezayo.
Lokhu kulimaza kakhulu izinhlelo zikaNasreddine Nabi, obethembele kuRushwin Dortley kuyo yonke imidlalo abetholakala kuyona.
Njengoba esedlale imidlalo engu-21 kule sizini, kuzozwakala ukungabi khona kwakhe.
Esikhaleni sakhe, kubuyiselwe uGiven Msimango okunguye osedlala no-Inacio Miguel emuva maphakathi nenkundla.
URushwin Dortley oneminyaka engu-22 ubudala usengumdlali omqoka kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana.
Uqale umsebenzi webhola elikhokhelayo kwiCape Town Spurs, lapho avelele khona ngekhono elihle emuva.Â
Indlela adlale ngayo idonse amehlo amaqembu amakhulu, kwathi ngokuhamba kwesikhathi wajoyina iKaizer Chiefs.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
Selokhu efikile kuMakhosi, ube ngumdlali obalulekile eqenjini. Ubuye waba yingxenye ebalulekile yeqembu likaHugo Broos kwiBafana Bafana.
Udlale kuyo yonke imidlalo eyisithupha yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025.
IChiefs manje sekumele iqedele imidlalo yayo yeligi engu-10 esele nesele kwiNedbank Cup ngaphandle kwakhe.
UDortley uzophinde aphuthelwe yimidlalo yeBafana Bafana yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 njengoba izobhekana neLesotho neBenin maduze.
Ukulimala kwakhe kusho ukuthi uNabi usele noMiguel, uMsimango, u-Edmilson Dove, uZitha Kwinika no-Aden McCarthy emuva maphakathi nenkundla.
Lo mqeqeshi weChiefs uzothemba ukuthi abekho abanye abadlali basemuva abazolimala njengoba isizini ifinyelela esigabeni esibalulekile.
- FUNDA NALA |Â Owaduma kwiPirates usola umhobholo ngokungayi phesheya
IChiefs kumanje ilungiselela umdlalo onzima weBetway Premiership la izobhekana khona neCape Town City ngoLwesithathu ebusuku.
Ngaphandle kukaDortley, uNabi ubhekene nenselelo kodwa uMsimango ubesaqhuba kahle selokhu ebizelwa ukuzovala isikhala.
