EzintshaKaizer Chiefs

Ingwazi isola ‘iphutha’ elizokwenziwa yiChiefs ngoNabi

Ngokwale nkakha, eyazakhela igama kwi-Orlando Pirates, uma iChiefs iqhubeka noNasreddine Nabi kuzobe iyazilimaza.

UVilakazi akazange elokhu egibela phezu kwamaqanda ekhuluma ngalo mqeqeshi, ukubeke kwacaca ukuthi lo somaqhinga waseTunisia wehlulekile ukufeza obekulindelekile eNaturena.

Yize ehole Amakhosi enqoba iNedbank Cup, imibiko iveza ukuthi abaphathi beChiefs abanelisekile ukuthi uNabi kufanele ahubeke ngesizini ka-2025/26.

UNasreddine Nabi ube ngumqeqeshi wokuqala weKaizer Chiefs kusukela kuStuart Baxter phakathi kuka-2012 no–2015 ukuqeda isizini yonke, bese ehlulwa ukungena kwiTop 8. 

IChiefs iihlulwe emidlalweni engu-12 yeligi kule sizini — okuyinto engakaze yenzeke phambili.

Iqede isizini inamaphuzu angu-32, okungamaphuzu okuvika izembe ngokweligi yakuleli.

UVilakazi akazange akhulume elokhu eshona le nale ngesikhathi ekhuluma esiteshini seYouTube i-OmniaudioAfrica.

“Unqobe imidlalo eyisishiyagalombili kuphela emidlalweni engu-28… IChiefs akulona nje iqembu, inomlando omude kabi,” kusho uVilakazi. 

“Manje nina nikubona kulungile ukuthi ingangeni kwiTop 8? Akukwazi! Lo mqeqeshi wehlulekile nje qha.”

UTso ukuchithile ukubaluleka kokuwina iNedbank Cup, eveza ukuthi noma yiliphi iqembu — okuhlanganisa neMagesi FC ewine iCarling Knockout — lingayiwina indebe.

“Kimina, uNabi uthathe iqembu kade lingconywana, walenza labheda kakhulu kunakuqala. Yena uqale ukusebenza ngaphambi kokuqala kwesizini. 

“Wenzeni ehlukile engamenza ahlale? Lutho. Akangcono ngalutho kunabaqeqeshi baphambilini,” kuqhuba le ngwazi.

UVilakazi ukholwa ukuthi ukugcina uNasredine Nabi kungaba yiphutha elikhu iKaizer Chiefs engalenza.

“Uma begcina uNabi, abavele bakhohlwe wukuthi iChiefs ngesizini ezayo inganqoba iligi noma iqede emaqenjini amane aphezulu.”