
Ingase ishintshe umshovo i-Orlando Pirates kowaMaZulu
I-Orlando Pirates isikhiphe isibuyekezo ngabadlali bayo abalimele ngaphambi komdlalo wayo obalulekile weBetway Premiership naMaZulu FC.
AmaBhakabhaka azohlangana noSuthu emdlalweni weligi eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili – umdlalo uqala ungo-7.30 ebusuku.
Ukunqoba kwe-Orlando Pirates kuzoyenza yeqe iMamelodi Sundonws bese iyaqhwakela kwilogi, ibe negebe lamaphuzu amathathu.
Usuthu – olusendaweni yesine ngaphambi kwalo mdlalo – nalo lunganyukela eqhulwini uma lunqoba kulo mdlalo.
Esibuyekezweni sayi, iPirates iveze ukuthi izoya kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali ababili basesiswini uSihle Nduli noSelaelo Rasebotja, abasalimele.
Leli qembu likuqinisekisile ngesitatimende ukuthi laba bobabili bazophuthelwa wumdlalo waMaZulu.
“Njengoba imidlalo iza ilandelana ngokushesha, umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou angase aphoqeleke ukushintsha iqembu lakhe ngoLwesibili.
“Umdlali omusha uMpho Chabatsane obonakale ebhentshini emidlalweni emibili edlule angase anikezwe ithuba lokuqala umdlalo.
“Kodwa abadlali basesiswini uSihle Nduli noSelaelo Rasebotja bona basaqhubeka nokululama ekulimaleni kwabo,” kusho iPirates esitatimendeni.
Iphini lomqeqeshi wePirates uMandla Ncikazi uvumile ukuthi kunzima ukushintsha amagiya njengoba imidlalo isondelene kanje.
Nokho ubona sengathi bawulungiselele kahle lo mdlalo obalulekile abazogadulisana kuwo naMaZulu.
“Isikhathi phakathi kwemidlalo sifushane, kufanele silungele ukudlala neqembu elingelinye lamane aphezulu fthi elidlala kahle kakhulu.
“Kodwa nakanjani siya eThekwini ngenhloso yokuthola amaphuzu amathathu, ” kusho uNcikazi kwabezindaba be-Orlando Pirates.
FUNDA NALA | Akakapholi Cardoso ngokubanjelwa kweChiefs
Ngemuva kwalo mdlalo, womabili lamaqembu azobe esejikela elungiselela imidlalo yeNedbank Cup ngempelasonto.
IPirates izobhekana neqembu leMotsepe Foundation Championship iTshakhuma Tsha Madzivhandila ngoMgqibelo khona eMoses Mabhida Stadium.
AmaZulu wona azobhekana nePolokwane City ekuhambeni ngoLwesibili lukaFebhuwari 10.
