EzintshaKaizer Chiefs

Imenenja iveza iqiniso ngoMakgalwa neKaizer Chiefs

Umphathi weFootballerz Sports Marketing, uNtobatsi Masegela, usedalule ukuthi i-Kaizer Chiefs yaba nentshisekelo yokusayinisa u-Keletso Makgalwa.

Nokho Amakhosi agcine engamtholanga lo mdlali njengoba esesayine kwizinkunzi zaseTanzania eziqeqeshwa uSteve Barker, iSimba SC.

UMakgalwa ubesematheni emasontweni adlule njengoba iSimba neYoung Africans (Yanga) bebembanga ngemuva kokudlala kahle kwiSekhukhune United.

Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ujoyine iSekhukhune ngoJulayi ka-2024 esuka kwi-Upington City. 

Udlale imidlalo engu-66 kuyo yonke imiqhudelwano, washaya amagoli ayisithupha futhi wakha angu-20 eminyakeni emibili ayihlale kuleli qembu.

Indlela adlale ngayo ngesizini ka-2024/25 yamenza waqokelwa imiklomelo yomdlali ovelele kwiBetway Premiership nowabadlali abakhethwa ozakwabo.

Ngokusho kukaMasegela, i-Kaizer Chiefs yaxhumana nabo ifuna ulwazi ngokuthi ingenza kanjani ukuthola u-Keletso Makgalwa.

“IChiefs yabonisa intshisekelo ngoKeletso Makgalwa. Basithinta mayelana nethuba lokuqedela lesi sivumelwano,” kusho uMasegela.

“Sathumela isiphakamiso kwiChiefs, kodwa akwabe kusaba khona okwalandela. 

“Ngethemba ukuthi mhlawumbe kuzokwenzeka esikhathini esizayo.”

Njengoba i-Kaizer Chiefs ingazange ithumele isicelo esisemthethweni, u-Keltso Makgalwa wagcina evumelene neSimba SC.

Kulapho okulindeleke ukuthi aqedele khona ukuhlolwa kwezempilo ngaphambi kokusayina inkontileka yakhe kulo leli sonto.