
Sekunesinqumo esingujuqu ngo-Andile Jali neChippa United
I-Chippa United seyigcine iphume nesinqumo esibalulekile mayelana nomunye wabadlali bayo abanamava, u-Andile Jali.
Kuke kwaba nokuqagela okuningi ngesimo sikaJali kuleli qembu elizinze eGqeberha, e-Eastern Cape alijoyine ekuqaleni kwale sizini.
Ukuqagela kuqale ngesikhathi uJali engeyona ingxenye yeqembu – abanye bethi uxabene neqembu.
Kuphinde kwaba nemibono yokuthi kungenzeka ukuthi akasenandaba nebhola, futhi akasazinikelo ngokusemandleni akhe.
Kodwa muva nje umqeqeshi uThabo September uveze ukuthi akadlali ngoba elimele.
Imenenja yakhe uMike Makaab nokho phambilini yayiteh u-Andile Jali uyazilolonga futhi akalimele, ayikho nenkinga ekhona ngaye.
Kodwa manje iSABC Sport ibika ukuthi u-Andile Jali neChippa United bavumelene ngokuhlukana ekupheleni kwale sizini.
Lo mdlali wasesiswini oke wagijima kwiMamelodi Sundowns isikhathi eside ujoyine iChilli Boys ekuqaleni kwesizini.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi echithe isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha engadlali kulandela ukuhlukana kwakhe neMoroka Swallows.
Ngemuva kokuthuthela kwi-Chippa United, u-Andile Jali uvumile ukuthi ubeke wacabanga ukuliyeka ibhola ngenxa yesimo esamehlela kwiSwallows.
Wakhala ngokuthi lesi simo samphazamisa kakhulu emoyeni nasemqondweni ngemuva kokuthi iSwallows inqamule izinkontileka zabadlali abangu-24 ngoJanuwari.
Wazihlalela ekhaya ngemuva kwalokho kwaze kwaba iChilli Boys iyamheha ukuthi azodlala kuyo.
Isikhathi sakhe kwi-Chippa United besithembisa futhi u-Andile Jali engumdlali omqoka, kodwa ngokuhamba kwesikhathi wavele wanyamalala eqenjini eliqala imidlalo.
UJali, oneminyaka engu-35 ubudala, akakaze adlale kwiChippa kusukela ngoFebhuwari.
IChippa iqede imidlalo yayo yeligi ngempelasonto edlule ngesikhathi ibambana neMarumo Gallants ngo 1-1 koweBetway Premiership.
Njengoba sekunqunyiwe ngekusasa likaJali kule kilabhu, sekusele ukubona ukuthi uthola elinye iqembu noma uwakhweza ethala amakhokho.
