
IKaizer Chiefs isazimisele ngoHuman, imbanga neCity
Kubikwa ukuthi iKaizer Chiefs isivuselele intshisekelo yayo kumdlali wasesiswini uRowan Human.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala okwamanje akanaqembu ngemuva kokuba yingxenye yabadlali abadedelwe AmaZulu FC ngesonto eledlule.
URowan Human uke wamataniswa neKaizer Chiefs ngo-2023, kodwa wakhetha ukuhlala KwaZulu-Natal, wajoyina Usuthu.
Manje, njengoba iKaier Chiefs ibheke ukuqinisa esiswini ngaphambi kwesizini enstha kanti uRowan Human ungomunye wabadlali ebabhekayo.
Ngokombiko weCitizen, imithombo esondelene nalo mdlali neqembu ithi Amakhosi acabanga ukumletha eNaturena.
URowan Human kuthiwa uzimisele ngokujoyina njengoba ebheke inselelo entsha nethuba lokudlalela elinye lamaqembu amakhulu kuleli.
Kodwa njengoba iKaizer Chiefs isithole omunye umdlali wasesiswini odlala indawo efanayo ku-Ethan Chislett, intshisekelo yayo kuHuman ingase ishabalale.
Kodwa noma kwenzeka lokho, uHuman ngeke aliswele iqembu njengoba neDurban City kuthiwa iyafisa ukumbuyisa.
Lo mdlali ube wadlala kuleli qembu elisanda kukhushulelwa kwiPremiership, lisabizwa ngeMaritzburg United.
UHuman wayengomunye wabadlali abagqamile – noKarim Kimvuidi owagcina kwi-Orlando Pirates – yize leli qembu lagcina lidliwe yizembe.
Kule sizini uHuman udlale imidlalo engu-26 yeligi kuMaZulu, washaya amagoli amathathu.
Uma iChiefs isaqhubeka nokumfuna, kuzomele athathe isinqumo esibalulekile ngekusasa lakhe.
Kuzomele akhethe ukuthi ubuyela eqenjini alijwayele, noma uyoqala impimo entsha kwiKaizer Chiefs.
“Yebo, kuyiqiniso ukuthi iChiefs iyamfuna, kanti iDurban City nayo izimisele ngokumbuyisa kuyo,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ungumdlali osenamava ngokwanele futhi engafike aphumelele uma egcina ngokuya kwiChiefs.
“Angakwazi ukumelana nengcindezi ehambisana nokudlalela le kilabhu enkulu kangaka.”
