Caf Champions LeagueEzintsha

UMiguel Cardoso uveza akusaba ngeSundowns koweChampions League

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso usexwayise abadlali bakhe ngaphambi komdlalo wabo weCaf Champions League.

Lo mqeqeshi uthi ukunqoba kwabo ngo 3-0 emlenzeni wokuqala bebhekene neStade Malien akusho lutho ngoba kusasele umlenze wesibili.

Ukusho lokhu ngesikhathi belungiselela umdlalo onzima womlenze wesibili ngeSonto ntambama.

AmaBrazilians afike eMali esethubeni elihle lokudlulela phambili kulandela ukwenza kahle emlenzeni wokuqala eLoftus Stadium.

Kodwa lo somaqhinga wasePortugal ugcizelela ukuthi umsebenzi awukapheli, kusenziwe ingxenye nje yawo. 

Indawo kowandulela owamanqamu kwiCaf Champions League isadinga ukusetshenzelwa eStade 26 Mars.

UMiguel Cardoso uchithe isonto lonke egxilisa umqondo wokuthi kusafana nokuthi zibambene ngo 0-0 eqenjini lakhe.

Lokhu ubekwenzela ukuvimbela ukunethezeka osekuke kwakhuba amaqembu ayenqobe kahle emlenzeni wokuqala phambilini.

“Okubalulekile wukuthi sibhekana kanjani nale midlalo sengathi wumdlalo owodwa,” kusho uCardoso. 

“Akumele sithembele kulokho okusemuva futhi kumele senze okufanele sikwenze kusukela ngomzuzu wokuqala kuze kufike kowokugcina.”

Kulandela ukuphuma okushaqisayo kwe-Al Ahly iwashiswa ijezi yi-Espérance ngoMgqibelo, sekusule lo mqhudelwano. 

Uma kwenzeka iSundowns iwuqeda ngempumelelo umsebenzi namuhla, izobhekana nalezi zinkunzi zaseTunisia kowandulela owamanqamu.

ISundowns isinonyawo olulodwa kowandulela owamanqamu, kodwa ibhola lase-Afrika lidume ngezimanga. 

Uma abadlali bakaMiguel Cardoso begcina isiyalo samaqhinga asifunayo, kufanele adlulele kowandulela owamanqamu.