Amehlo kaBroos aseseNdebeni yoMhlaba, i-Afcon isitebhisi
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ubona i-Afcon ka-2025 njengesivivinyo esibalulekile sokulungiselela iNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2026.
Lo mqhudelwano oseMorocco uqala ngoDisemba 21 kuya Januwari 18 ka-2026. Kuzobe sekusele izinyanga eziyisithupha kuqale iNdebe yoMhlaba e-USA, Canada naseMexico.
Ukuthi iBafana iyaya yini kule Ndebe yoMhlaba kuzocaca ngo-Okthoba.
UBroos unethemba lokusebenzisa i-Afcon ukukala ukuthi iqembu lakhe selikuphi ngokwezinga nokulungela ukuyodlala ezingeni lomhlaba.
“Ezinyangeni eziyisithupha ukusuka kwi-Afcon, kuneNdebe yoMhlaba,” kusho uBroos kwiSABC Sport.
“Uma kuwukuthi singenile (eNdebeni yoMhlaba), i-Afcon izosisiza ukuthi senze kahle eNdebeni yoMhlaba.”
UBroos uncamela ukubhekana nezimbangi ezinamandla ngoba iyona ndlela kuphela iqembu lakhe elingakhula ngayo.
“Lena yinto engiyisho ngesikhathi ngifika lapha, mhlawumbe kwezwakala njengokungahloniphi amanye amaqembu.
“Kodwa angifuni ukudlala neZimbabwe, iLesotho nabanye omakhelwane njalo. Ngifuna ukudlala namaqembu amakhulu.”
IBafana, ethole indondo yethusi kwi-Afcon edlule, izobe ikuPot B lapho sekuqhathwa ezizobheka kwi–Afcon ngoMsombuluko.
Ingase ibhekane namaqembu afana neMorocco, iSenegal, iNigeria, noma i-Algeria akwiPot A.
Kodwa uBroos akumkhathazi lokho, ukholwa ukuthi imidlalo enzima iyona ezothuthukisa iqembu.
“Ukudlala ne-Ivory Coast, iNigeria, neMorocco kuyasisiza ukuthi sikhule. Uma ubhekene namaqembu aphezulu, uwakhipha wonke amangwevu, futhi ufunda lukhulu.”
Ukhollwa ukuthi i-Afcon ka-2025 izolungiselela iBafana ukwenza kangcono eNdebeni yoMhlaba.