EzintshaKaizer Chiefs

BUKA: Amehlo kwiChiefs kubonakala isihlabani eNaturena

  • Sibongiseni Gumbi

Sekubhekwe ukuthi iKaizer Chiefs imemezele ukuthi seyigcine imsayinile omunye wabadlali okubhekwe ngabomvu ukuthi uzodlala kuphi ngesizini ezayo. 

Lo mdlali, uGaston Sirino, ongomunye wabachithwe yiMamelodi Sundowns ngesizini edlule, ubonakale eNaturena ngoLwesihlanu. 

Kulindeleke ukuthi aqedele konke naleli qembu bese eyamenyezelwa ngawo uLwesihlanu ngoma ngempelasonto. 

Ikhono lalo mdlali alingatshazwa njengoba nakwiSundowns ubesengomunye wabadlali abamqoka ngesizini edlule.

Into eyenze ukuthi inkontileka yakhe ingavuselelwa wukuthi phambilini uke waziphatha kabi, wakhombisa ukungalithandi leli qembu.

USirino wayefuna ukuba akhululwe aye kwi-Al Ahly, wagcina enza izinti ezingafanele nezamenza unukani kwiSundowns. 

Kodwa manje konke lokho sekuzosala emuva njengoba ezoqala impilo entsha eNaturena la kubhekwe asize umqeqeshi uNasreddine Nabi emsebenzini wakhe wokuvusa leli qembu.

Uma egcina ngokusayina, uzoba ngumdlali ozovusa usinga kubalandeli babe nethemba lokuthi izinto zingase zijike kulokhu.

Nokho uzofica umsanka omubi oshiywe ngabanye abadlali abazakhela igama kwiSundowns, kodwa bafike basindeka kwiChiefs, bagcina bengagqamanga.

Kwaqala ngoKhama Billiat oze washiya kwiChiefs engawinanga ndebe, kwaba uLeonardo Castro naye kwaba esifanayo.

Bajoyinwe uKeagan Dolly obesesuka phesheya kodwa naye wafika akwangacaca akulethile eNaturena njengoba egcine ngokuchithwa ekupheleni kwesizini.

Buka nasi isithombe sikaGaston Sirino efika eNaturena ngezansi:

Isithombe: Mickey Junior/X