
IChiefs yelule inkontileka yomdlali, yaqeda ukuqagela
IKaizer Chiefs seyilulele omunye wabadlali bayo inkontileka, yengeza unyaka kule abekuyo.
Le kilabhu ezinze eNaturena isebenzise umbandela kwinkontileka ka-Edson Castillo ukwengeza unyaka.
Ibe seyiphinda ifaka omunye umbandela wokwengeza omunye unyaka uma isenelisekile ngaye.
Bese kunokuqagela ukuthi ngabe kuzokwenzekani ngalo mdlali uma kuphela inkontileka ngoJuni.
Kodwa sekuphelile lokho njengoba seyeluliwe futhi kwengezwe nesethembiso sokuphinde yelulwe.
UCastillo, oneminyaka engi-30 ubudala, bekumele ahambe ngoJulayi uma kuphela inkontileka yakhe.
Ukulimala kwakhe kanzima ngo-Okthoba bekwenze kwabukeka kunokungabaza ngokuhlala kwakhe eNaturena.
Waphuka bebhekene neSuperSport United kanti uphuthelwe yimidlalo engu-16 kusukela lapho.
“Ngingaqinisekisa ukuthi u-Edson uzohlala enye isizini,” kusho imenenja yakhe uMauricio Andrade kwi-iDiski Times.
“Uyivuselele inkontileka yakhe neChiefs, futhi kukhona nombandela womunye unyaka.
“Ujabule kakhulu futhi ufuna ukusiza leli qembu ukuthi liphinde linqobe izindebe.”
UCastillo ubuyele ekuzilolongeni neqembu ngenyanga edlule.
Usesondele ekubeni abe sesimweni esifanele futhi maduze uzobe esengakwazi ukudlala.
Ukubuya kwakhe kunikeza umqeqeshi uNasreddine Nabi isibalo esengeziwe sabadlali angakhetha kubo esiswini.
IChiefs yengeze nangoThabo Cele ngoJanuwari, okwenza iqine kahle esiswini maphakathi nenkundla.
UCastillo ujoyine iChiefs ngo-2023 esuka kwiMonagas SC yaseVenezuela.
Ngokushesha waba umdlali obalulekile, ehlaba umxhwele ngezinga lakhe lokuzimisela nekhono lokuphasa.
