
IChiefs iqinisekise ababili, kwasala imibuzo ngomunye
– Sibongiseni Gumbi
IKaizer Chiefs yemukele ngokusemthethweni abadlali ababili abasha eqenjini, okushiye imibuzo ngomdlali wesithathu obezilolonga neqembu.
IChiefs imemezele ukuthi isisayinise unozinti uFiacre Ntwari obekwiTS Galaxy nomdlali wasemuva uRushwin Dortley obegijima kwiCape Town Spurs.
UNtwari, oneminyaka engu-24 ubudala, wazalelwa eKigali, eRwanda futhi wadlalela i-AS Kigali,” kubhala iChiefs ngoNtwari.
“Ufike eNingizimu Afrika ngonyaka odlule ngesikhathi ejoyina iTS Galaxy. Lo nozinti waseRwanda ujoyine iChiefs ngemuva kokusayina inkontileka yeminyaka emine enombandela wokwelula ngowodwa.”
Mayelana noDortley, iChiefs ithe: “Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-22 ubudala osuka eKapa ujoyine Amakhosi ngenkontileka yeminyaka emithathu enombandela wokwengeza ngowodwa.
“Ufika evela kwiCape Town Spurs lapho edlale khona imidlalo engu-26 kwi(DStv) Pemiership ngesizini edlule.”
Lesi simemezelo seChiefs sishiye imibuzo ngoBongani Sam obekade esekhempini neChiefs eTurkey nbekuthiwa usesayinile kuyo.
USam ubekwi-Orlando Pirates kodwa uchithe amasizini amabili edlule ebolekiswe kwiMaritzburg United nakwiMoroka Swallows.
Umqondisi weChiefs, uKaizer Motaung Junior, uthe iqembu alikakaqedi ukuthenga abadlali.
“Lutho asikaqedi. Asikakaqedi ukusayina. Sibheke abadlali bezindawo ezithile lapho sibona sengathi siyashoda.
“Kunemihlangano nomsebenzi oqhubekayo njengoba sibheke ukuqinisa isikwati sesizini ezayo,” kusho uMotaung Jr kwabezindaba.
Uthe umqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi naye nezwi elikhulu kokwenzekayo ngokusayinwa kwabadlali.
“Sisebenzisana nomqeqeshi nethimba lakhe ukuze sithole abadlali abafanele abazongena ezimdaweni ezifanele lapho sibadinga khona.
“Sifuna ukusayinisa abadlali abazohambisana nohlelo esilwenza lapha.
“Ngeke sisayine ngoba nje sifuna ukusayina futhi nokusayina kufanele kube nomqondo webhizinisi njengoba ngeke sikwazi ukukhokha noma iyiphi imali uma kungenangqondo yebhizinisi,” kwengeza yena.
OLUNYE UDABA: Akumqwashisi ukugajwa kwelezinkakha zeChiefs
“Okunye sinezingxoxo nomqeqeshi mayelana nokuthi yibaphi abadlali abazohambisana neqembu nefilosofi yalo futhi uma behlangabezana nezidingo. Kodwa yebo, asikakaqedi ukusayina.”
