Akumqwashisi ukugajwa kwelezinkakha zeChiefs
Yize engadlalanga isikhathi eside kwiKaizer Chiefs, uJunior Khanye uzibona engenye yezinkakha ezigqamile zaleli qembu.
UKhanye wakhulela enkulisa yeChiefs, waze wagcina ekhushulelwe eqenjini elikhulu futhi kwaba nesasasa elikhulu ngaye kubalandeli.
Ikhono lakhe lalenza abalandeli babone ezolandela ezinyathelweni zikaJabu “Pule” Mahlangu kodwa wagcina engafikanga ezingeni elifanele.
Ukuhluleka wukuziphatha kwenza wagcina ededeliwe kuleli qembu futhi kwagcina kuphelile ngaye ebholeni.
Manje kodwa usebuye ngezinkani njengomhlaziyi we-iDiski TV, la ukukhuluma kwakhe amaqiniso ababayo sekumakhele izitha.
Namanje akaqokwanga eqenjini lezinkakha zeChiefs elizodlala kwiToyota Cup neBloemfontein Celtic ngeSonto.
Njengoba engomunye wabadlali bakudala baleli qembu abasemehlweni abantu, bekulindeleke afakwe emidlalweni yalolu hlobo.
Ukusala kwakhe kwenza abuzwe ngalokhu yonke indawo lapho ehamba khona kanti usethathe ithuba lokuyicacisa kwi-iDiski TV.
“Akukona okokuqala ngibuzwa lo mbuzo futhi ngiyajabula ukuthi ngithole ithuba lokuyicacisa le ndaba,” kusho uKhanye.
“Ukungaqokelwa eqenjini lezingwazi zeChiefs akuyona into engenza ngiqwashe ebusuku.
“Ngiyinkakha yeKaizer Chiefs, noma ngabe bayakuthanda noma abakuthandi lokho.
“Ukube bengingumuntu ovuka ekusezi engazi uzokwenzani ngabe ngiyakhathazeka (ngokugajwa kuleli qembu lezinkakha).”
Uqhube wathi uyazi ukuthi yini eyenza angabizwa kuleli qembu kodwa akangakudalula.
“Ngiyalazi ibhola futhi ngiyaziqonda lezi zinto, ngakho-ke angikuthatheli phezulu ukuqokwa (kwwChiefs), noma ukungabizwa.
OLUNYE UDABA: UCassius Mailula ufunwa e-Europe naseNorth Africa
“Angizikhathazi neze ngokukhetha kwabo, futhi bengingazi nokuthi obani abadlali ababaqokiwe kulo mdlalo ozayo,” kusho uKhanye.
Iqembu lezinkakha zeChiefs lizodlala nelezeCeltic eToyota Stadium, eBloemfontein ngo-12.30 emini kanti lo mdlalo uzokhonjiswa bukhona kuSuperSport TV 202.