EzintshaKaizer Chiefs

Ibuyele embangweni kwiConfed Cup iChiefs ishaya iZesco

Amakhosi anqobe ngo 1-0 emdlalweni wawo wesithathu esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano wezwekazi.

Igoli enqobe ngalo lingene ngomzuzu wesibili umdlalo uqalile, linamathiselwa enethini nguPule Mmodi.

Ngalokhu kunqoba iKaizer Chiefs isahlezi endaweni yesithathu, kodwa seyinamaphuzu amane okwenza isondele ngaseqhulwini.

Ngale kokunqoba, Amakhosi akhombise ukuqina okuhle kulo mdlalo obuseLevy Mwanawasa Stadium eNdola ngeSonto ntambama.

IZesco beyidle ngokuqinisa unyawo futhi iyicinezele kakhulu iChiefs esiwombeni sesibili kodwa leli qembu lakuleli lakwazi ukuvala kahle emuva.

Ukudlala kwayo kukhombisile ukuthi ayikakazimiseli ukuphosa ithawula kuleli qoqo obekubukeka kuzozidlulela kalula amaqembu ase-Egypt kulo. 

La maqembu ase-Egypt – i-Al Masry neZamalek – azihola phambili kuGroup D walo mqhudelwano. 

Lezi zinkunzi zase-Egypt zizogadulisana emdlalweni wazo ozocacisa elizozihola phambili ngalo iSonto ebusuku. 

Uma iZamalek ihlulwa kulo mdlalo, iChiefs izabe seyinyukela endaweni yesibili ngenxa yomehluko wamagoli.