
Umoyizela yedwa u-Ouaddou kubuya abamqoka kwiPirates
Njengoba kubhekwe emdlalweni omkhulu wangoMgqibelo, umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou usekuqinisekise ukubuya kwabadlali ababili abamqoka.
Lo mqeqeshi waseMorocco uveze ukuthi u-Evidence Makgopa noThalente Mbatha sebeluleme futhi bakulungele ukudlala.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi esihle kumaBhakabhaka, abheke ukudlulisa isonto elibuhlungu.
Asazikhotha amanxeba ngemuva kokuhlulwa kulandelana yiMamelodi Sundowns kwiligi neCasric Stars kwiNedbank Cup.
UKUBUYA KOMSHINI WAMAGOLI
Ukungabi bikho kuka-Evidence Makgopa kube nomthelela obonakalayo ngesikhathi iPirates iba nesomiso samagoli emidlalweni yakamuva.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala ube yisisekelo sokuhlasela kweqembu lika-Ouaddou kule sizini.
Useshaye amagoli amathathu futhi wakhela ozakwabo amathathu emidlalweni engu-14 yeligi.
“Mayelana noMakgopa, usekhona eqenjini. Sijabule kakhulu ukuphinde sibe naye.
“Usebuyelile ekuziqeqesheni futhi ungumqemane,” kusho u-Ouaddou kwabezindaba ngoLwesine.
UZINZO ESISWINI
Ukubuya kukaThalente Mbatha mhlawumbe kubaluleke kakhulu ekubhalanseni kokuhlasela nokuvala emuva kwePirates.
UMbatha uphuthelwe yimidlalo emine edlule, nokuholele ekutheni kube nembobo enkulu esiswini kuleli qembu.
Ikhono lakhe lokuhlala phambi kwabadlali abane basemuva lizobaluleka ekuvimbeni iminyakazo yokuhlasela yeChiefs.
FUNDA NALA | Umyalezo kaKwinika obheke kuDu Preez
Yize iKaizer Chiefs isaminyile ngokwelulama kwabadlali abamqoka, igumbi lezokwelapha lePirates lihlanza ngesikhathi esihle.
Njengoba uMakgopa noMbatha sebebuyile, u-Ouaddou uneqembu lakhe eliphelele ngaphambi kwalo mdlalo.
