
ISundowns nesitatimende ngemuva kwebhomu likaRibeiro
IMamelodi Sundowns isiphendule isitatimende esiyibhomu elithuse wonke umuntu othanda ibhola kuleli sikaLucas Ribeiro asikhiphe ngoLwesine ekuseni.
Leli qembu elizinze eChloorkop liyagcizelela ukuthi lisazibophezele ezingxoxweni ezinobulungiswa namakilabhu anentshisekelo kubadlali bayo.
Yize leli qembu lingamdalulanga ngegama uRibeiro, lesi sitatimende salo siphume ngemuva kwamahora ambalwa lo mgadli waseBrazil ememezele ukuthi useyinqamule inkontileka yakhe nalo.
URibeiro uthe uzofaka udaba lokukhululwa kwakhe kwiSundowns kwiFifa Football Tribunal, aludlulisele phambili uma lungaxazululeki lapho.
URibeiro usole iSundowns ngokwenyusa imali eyifuna eqenjini elifuna ukumthenga ngesikhathi iQatar SC izama ukumsayina.
Uthe lesi sinyathelo sivimbele ukuthi leli qembu likwazi ukumsayina, lagcina lidubile ngoba libona sengathi liyaqolwa ngale mali ebifunwa yiSundowns.
ISundowns, esitatimendeni esibhalwe ngokucophelela, igcizelele ukuthi ukusebenza kwayo emakethe kuqoshelwe ekuqinisekiseni ukusimama weqembu kwesikhathi eside.
“Bekulokhu kuyinqubomgomo nokuzibophezela kweMamelodi Sundowns ukuzibandakanya nokuxoxisana namakilabhu ebhola e-Afrika nasemhlabeni jikelele uma enentshisekelo ngabadlali bekilabhu.
“Inhloso yalokhu wukuqinisekisa ukuthi izimfanelo zomdlali nezekilabhu ziyafezeka ngendlela enobulungiswa nefanele,” kusho ikilabhu esitatimendeni.
Le kilabhu igqamise ukutshala kwayo imali eningi ekuthuthukisweni kwamakhono abadlali abasebancanebaseNingizimu Afrika, nabakwamanye amazwe.
Iveze ukuthi kuwumgomo wayo uukuhlwaya ikhono eliphambili emazweni ase-Afrika naseSouth America ukuze banikwe ithuba.
Iqhube yathi ibe nkulu intshisekelo kubadlali bayo ngemuva kokwenza kahle kwabo kwiFifa Club World Cup ngoJuni.
FUNDA NALA | U-Ouaddou ufisa ahlale uMofokeng kwiBucs
ISundowns iphethe ngokuqinisekisa ukuzibophezela kwayo ekucubunguleni izicelo ezifikayo zngabadlali bayo.
Igcizelele ukuthi zonke izinqumo zithathwa ngenhloso “yokufezekisa izifiso zazo zonke izinhlangothi ezithintekayo”.
Ngaphezu kukaRibeiro oseveze ukuthi ukufuna ukushiya ngenkani, iSundowns isabhekene nenkinga ecishe ifane ngoKhuliso Mudau noThapelo Maseko okuvela ukuthi abeneme kuleli qembu.
