EzintshaKaizer Chiefs

UBrian Baloyi ukhuza abalandeli ‘ngokududa’ iKaizer Chiefs 

IKaizer Chiefs ikwazile ukubuyela ebholeni lase-Afrika, kodwa ingwazi yaleli qembu uBrian Baloyi inesixwayiso.

USpiderman usexwayise abalandeli baleli qembu ngokwenza sengathi lokhu yimpumelelo enkulu.

Impela, Amakhosi ayabuyela ebholeni lezwekazi ngemuva kokuqinisekisa indawo yawo kwiCaf Confederation Cup.

Lokhu akwenze ngokulala isithathau kwilogi yeBetway Premiership kule sizini.

Kodwa ngokusho kukaBrian Baloyi, ukujabulela indawo yesithathu okwenziwa abalandeli beKaizer Chiefs kungaba wukhondolo olubi ekilabhini.

Ekhuluma kwiSoccer Beat podcast kuleli sonto, uthe abalandeli akumele ngabe bakujabulele ngale ndlela lokhu.

“Awukwazi ukujabulela indawo yesithathu kanjena,” kusho uBaloyi. “Kuwukwehlisa izinga kakhulu.”

UBrian Baloyi uvumile ukuthi kuhle ukubona iKaizer Chiefs ibuyela emiqhudelwaneni yeCaf.

Ikakhulukazi ngemuva kokuzabalaza ukungena kwiTop 8 kule minyaka embalwa edlule.

Kodwa uyagcizelela ukuthi iGlamour Boys isasilele emuva kakhulu kwiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.

Futhi uma iChiefs ifuna ngempela ukubuyela ezingeni lezingqwele, kunezinqumo ezinzima ikumele zithathwe. 

Ikakhulukazi ethimbeni labaqeqeshi. UBrian Baloyi ukubeke kwacaca ukuthi iKaizer Chiefs akumele ibagcine oKhalil Ben Youssef noCedric Kaze.

“IChiefs kumele ithole umqeqeshi osezingeni eliphezulu ukuze ayibuyisele ekubeni yiqembu elisezingeni eliphezulu,” kusho yena.

Khonamanjalo, Amakhosi asalelwe yimidlalo emibili kule sizini. Azobhekana naMaZulu FC neChippa United.