
U-Ouaddou useveze umuzwa wakhe ngesimo se-Orlando Pirates
U-Abdeslam Ouaddou usephawule ngesimo se-Orlando Pirates njengoba isekhempini yokulungiselela ukuqhubeka kwesizini.
I-Orlando Pirates beyikhempe eNorth West kanti u-Ouaddou ujabule ngokuthi unikwe indawo efanele ukuqinisekisa ukuthi ulihlanganisa kabusha iqembu lakhe.
“Ngijabule kakhulu ngeviki lokuzilungiselela. Ngibonga kakhulu ikilabhu – kubalulekile ukukusho lokho,” kusho u-Ouaddou.
“Ngiyabonga ukuthi isinike ithuba lokuthi sibe ndawonye, sisebenze ndawonye endaweni enhle nesivumela kahle kanje.”
ABADLALI ABASHA
U-Ouaddou uphinde wazwakalisa ukujabula ngabadlali bakhe abasha oDaniel Msendami, Andre de Jong noMpho Chabatsane abasanda kusayinwa.
“Lesi sikhathi senze sabuyisa umuzwa wokuzwana ngokuthi sihlale ndawonye. Bekubalulekile ukuze sikwazi ukufaka abadlali abasha eqenjini.
“Sikwazile ukubabonisa indlela esenza ngayo izinto, izinkolelo zethu. Kube yithuba lokukhuluma nabo, sibahlanganise nabanye.
“Siyamamukela uChabatsane, siyamamukela uMsendami ngokunjalo no-de Jong,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Sesibheke ukuthi bakhombise izinga labo futhi bafake isandla ekufukuleni iqembu.”
ABADAYISIWE
IPirates idedele abadlali abathathu ngalesi sikhathi – oMonnapule Saleng, Mbekezeli Mbokazi noSinoxolo Kwayiba.
Izobuyela enkundleni ngeSonto ntambama uma seyibheke neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium.
FUNDA NALA | UMokwena uveza okukhubaze iBafana kwi-Afcon
Lo mdlalo weBetway Premiership ungomunye webhekwe ngabomvu njengoba kuqhubeka isigaba sesibili sesizini okulindeleke sishube kakhulu.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
