
UMofokeng uhlonishwe nezingqalabutho e-Afrika
Isihlabani se-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng, sesithole ukuhloniswa okuyingqayizivele ngemuva kokufakwa ohlwini oluhlonishwayo lweFORBES AFRICA 30 Under 30 Class of 2026.
Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala uqokwe phakathi kwabantu abasha abanethonya elikhulu e-Afrika.
Lokhu kuqinisa igama lakhe njengomuntu ongagcini nje ngokugqama ebholeni kodwa oyisibonelo entsheni yase-Afrika.
Ukufakwa kukaMofokeng kulolu hlu kuza ngemuva kokukhombisa izinga eliphezulu enkundleni, lapho esezakhele khona igama njengomunye wabadlali abancane abavelele kakhulu eNingizimu Afrika.
Lo mdlali waziwa ngejubane lakhe, ikhono lokujika nokwenza izinqumo ezifanele ngesikhathi esibucayi semidlalo.
Lokhu kumsize ukuthi u-Relebohile Mofokeng aphume esigabeni sabadlali abasafufusa aze abe ngomunye wabaholi kwi-Orlando Pirates.
Uhlu lwe-FORBES AFRICA 30 Under 30 luhlonipha abantu abasha base-Afrika abaguqula ikusasa lezwekazi emikhakheni efana nezamabhizinisi, ezobuchwepheshe, ezesayensi, ezokuzijabulisa nezemidlalo.
Ukuqokwa kukaMofokeng kukhombisa umthelela omkhulu asewenzile ebholeni nokuthi usephenduke iqhawe entsheni efisa ukufeza amaphupho ayo.
Noma esemncane ngeminyaka, uMofokeng usejoyine iqembu labasubathi abambalwa asebedlule ekubeni nje abadlali bebhola, baba ngabantu abanethonya emphakathini nasezweni lonke.
- FUNDA NALA | Lingase likhale lulaba izembe likaDa Cruz
Impumelelo ka-Relebohile Mofokeng iwubufakazi bomsebenzi omuhle owenziwa yi-Orlando Pirates ekuthuthukiseni abadlali abasakhula.
UMofokeng usaqhubeka nokukhombisa ikhono lakhe enkundleni nokudonsa amehlo amakilabhu aphesheya.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
