
UMokwena ‘uthiphisa’ uBroos ngowePirates angamnakile
Umqeqeshi weMC Alger, uRulani Mokwena, usephakamise igama kubadlali abangaxazulula inkinga kaHugo Broos kwiBafana Bafana.
Uthu uma uBroos engakaqiniseki ngomdlali azomsebenzisa kuNo. 10 eqenjini lakhe, kumele ake abheke uKabelo Dlamini we-Orlando Pirates.
Njengoba uThemba Zwane engadlali ngenxa yokulimala, uSipho Mbule nguye obedlaliswa kule ndawo nguHugo Broos.
UMbule udlala ngaphambi kukazakwabo we-Orlando Pirates uPatrick Maswanganyi, owake wabonakala kunguye ozovala isikhala sikaZwane.
Kodwa manje uRulani Mokwena ukholwa ukuthi iNingizimu Afrika akumele nakancane ikhathazeke ngomdlali engamsebenzisa kule ndawo ngisho uZwane esewabeke ethala amakhokho.
Ngokubona kwakhe, uDlamini unakho konke okudingekayo ukuchuma kule ndawo yokuba yinjii yeqembu lesizwe.
“UKabelo Dlamini unguNombolo 10 omangalisayo,” kusho uMokwena engxoxweni abe nayo neSafja muva nje.
“Uxhumana kahle nomgadli onjengoTshegofatso Mabasa. Uyakwazi ukumthola ngephasi enhle engaphakathi nokma engaphandle kwebhokisi.”
UMokwena ukhombe isibonelo samakuva esikhombise ubuchule bukaDlamini — la ephasele khona u-Apollis bebhekene neSt Eloi Lupopo.
Uthe ibhola aliphakela u-Appollis kulo mdlalo owawunengcindezi ephezulu lakhombisa ukuthi usezingeni eliphezulu kangakanani.
“Lokho kuyisenzo sikaNombolo 10 woqobo. Sikhombise ukuthi sicebile ngekhono eNingizimu Afrika.
“Akufanele neze sikhathazeke ngokuthi ubani okufanele adlale kule ndawo,” kwengeza lo mqeqeshi oke wacija iMamelodi Sundowns.
Yize isincomo sikaRulani Mokwena siyinto enkulu, uDlamini ulithola amacozucozu ijezi kwi-Orlando Pirates kule sizini.
FUNDA NALA | IPirates iqala phansi ngokufuna oweStellies
Ngakho mancane amathuba okuthi uHugo Broos amcabange uma eseqoka iqembu lakhe azoya nalo kwiCaf Africa Cup of Nations ngoDisemba.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
