EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs seyethule umqeqeshi omusha wonozinti

I-Kaizer Chiefs isiqhubekile nokwakha ithimba layo labaqeqeshi ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.

Seyimemezele ukuqokwa kuka-Olivier Sorin njengomqeqeshi omusha ozocija onozinti eNaturena.

Lo mqeqeshi odabuka eFrance usayine inkontileka yeminyaka emibili, enenketho yokwelulwa ngomunye unyaka uma izinto zihamba kahle.

USorin uvele unegama ekucijeni onozinti. Wayengunozinti ngesikhathi esadlala, kanti manje usengomunye wabaqeqeshi bonozinti abahlonishwayo e-Europe.

Uhlome ngeziqu ze-Uefa Goalkeeper A Licence, kanti eminyakeni eyishumi edlule usize ekuthuthukiseni onozinti abaningi abadlala ezingeni lomhlaba.

“Kule minyaka eyishumi edlule uSorin ube nesandla ekucijeni onozinti abasezingeni lomhlaba okukhona kubo u-Édouard Mendy, uSteve Mandanda, noDoğan Alemdar,” kusho i-Kaizer Chiefs esitatimendeni. 

USorin usefikile eNingizimu Afrika, lapho ezosebenza khona ngaphansi komqeqeshi omusha wwaMakhosi, uFernando da Cruz.

Ukuqokwa kwakhe kuyingxenye yezinguquko ezinkulu ezenziwa yi-Kaizer Chiefs njengoba iqembu lifuna ukubuyela ezinsukwini zalo zodumo.