
Uselitholile ikhaya elisha uKeagan Dolly
- Intatheli yeLISENETHINI
I-TS Galaxy isayine uKeagan Dolly emzamweni wayo wokuguqula izinto njengoba ingayiqalanga kahle isizini.
Leli qembu lidonsa kanzima kwiBetway Premiership, kanti ngoMsombuluko ntambama liqinisekise ukusayinwa kwalo mdlali obegijima kwiKaizer Chiefs.
UDolly, oneminyaka engu-31 ubudala, ujoyina iGalaxy mahhala ngemuva kokuhlukana neChiefs.
Uqale ukuzilolonga neGalaxy emasontweni amabili edlule. NgoMsombuluko, iqembu limemezele ngokusemthethweni ukusayina kwakhe.
Imininingwane yenkontileka ibingakadalulwa. Nokho kukholakala ukuthi yisivumelwano sesikhashana.
UDolly ufika nolwazi oluningi kwiGalaxy. Ubuhlakani nekhono lakhe lokushaya amagoli kuzoqinisa leli qembu phambili.
Lo mdlali owake wadlala kwiMontpellier eFrance, ubuyele eNingizimu Afrika ngo-2021, wajoyina iChiefs.
Ngaphezu kwamasizini amathathu, ushaye amagoli angu-14 kwiChiefs, wakhela ozakwabo angu-11.
IGalaxy yamukele uDolly esitatimendeni: “Siyakwamukela Keagan Dolly. Sijabule ngokuthi ujoyine iqembu!
“Isayinwe futhi yavalwa, ake sizuze izinto ezinkulu ndawonye.”
Ngaphambi kokusayina neGalaxy, uDolly wayesezojoyina iSuperSport United.
Nokho, iSuperSport ikhethe ukusayinisa uVincent Pule esikhundleni sakhe.
I-TS Galaxy izothemba ukuthi ukwengeza ngaye kuzovusa leli qembu, likwazi ukusuka kule ndawo elikuyo kwilogi.
