
IChiefs ijabule ngekufunde kweyeHome of Legends
- Intatheli yeLISENETHINI
Ukunqoba kweKaizer Chiefs iHome of Legends Cup yokuqala eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo kwenyuse amathemba kuleli qembu.
IChiefs ihlule iMamelodi Sundowns ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi kulo mqhudlwano obudlalwa amaqembu amane.
Manje iphini lomqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze uthemba ukuthi lokhu kuzobakhuthaza ukuthi benze kahle nakwiBetway Premiership.
IChiefs iqale yashaya iGolden Arrows ngo 2-0 kowandulela owamanqamu, kwathi iSundowns yahlula iChippa United sekukhahlelwa amaphenathi.
Yize iSundowns biingenabo abadlali abangu-10 abebedlala emaqenjini esizwe ehlukene, iChiefs isebenzise abadlali abebengakalinikwa ithuba kule sizini.
Kubo bekukhona noSibongiseni Mthethwa, uTebogo Potsane noBrandon Petersen.
UKaze, obephethe izintambi njengoba umqeqeshi uNasredinne Nabi ebengekho ngenxa yokulimala, uzwakalise ukwaneliseka, wathi kuzomele bakhele phezu kwalokhu.
“Bekuwumdlalo omuhle ukuthi wonke umuntu athole imizuzu yokudlala yakhe,” kusho uKaze kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Ngisho nalabo abangakalitholi ithuba lokudlala imidlalo eminingi… bekuwusuku oluhle kithina ngoba siqede usuku sinqobe isicoco.
“Kungase kungasho lukhulu ngoba umqhudelwano wosuku olulodwa, kodwa sikholwa ukuthi usinike umfutho ebesiwudinga emidlalweni yeligi.”
UBrandon Petersen, uDillan Solomons, uTebogo Potsane, u-Ashely Du Preez, uGiven Msimango, uBongani Sam noNkosingiphile Ngcobo bonke bathole ukudlala kulo mqhudelwano.
UKaze wengeze ngokuthi abafuni ukuphuthumisa uSam ekudlaleni ngemuva kokululama ekulimaleni akuthole eseTurkey neqembu ngesikhathi kulungiselelwa isizini.
“UBongani Sam usenesikhathi elimele futhi besingafuni ukumphuthuma ngokumdlalisa imizuzu eminingi,” kwengeza yena.
“Sifuna ukumnika imizuzu kancane kancane. Udlale phakathi kwemizuzu engu-15 nengu-20 emdlalweni wokuqala.
“Sibone ukuthi lesi yisiqalo nje, sizoqhubeka nokusebenza kuye njengawo wonke umuntu.”
IChiefs izobhekana neRichards Bay emdlalweni weligi ePeter Mokaba Stadium ngoNovemba 27.
