
I-Kaizer Chiefs isiphinde yakhipha omunye umdlali – uya kweleNFD
I-Kaizer Chiefs isiqinisekisile ukuthi umdlali wasemuva osebenzisa unyawo lwesinxele uzophinde abolekiswe kule sizini ukuze aqhubeke nokuqiniswa ukhakhayi.
Lo mdlali, uXolani Cossa uzodlala kwiGomora FC ekwiMotsepe Foundation Championship kule sizini.
UCossa, oneminyaka engu-22 ubudala useke waba nesikhathi esihle eBotswana, lapho abebolekiswe khona kwiBlack Lions FC ngesizini edlule.
UCossa uzoqhubeka nokuthuthukisa ikhono lakhe kwiGomora, eqeqeshwa nguPatrick Phungwayo, owake wadlala kwi-Orlando Pirates.
IChiefs ithe lokhu kubolekiswa kwakhe kuzonikeza uCossa ithuba lokudlala njalo nokuthola amava adingekayo.
“IKaizer Chiefs ingaqinisekisa ukuthi uXolani Cossa uzodlala ngokubolekisw kwiGomora FC ngesizini ezayo,” kusho leli qembu.
I-Kaizer Chiefs ithe lo mdlali kulindeleke ukuthi athole isikhathi esiningi sokudlala ngaphambi kokubuyela eNaturena ekupheleni kwesizini.
UCossa uzohlangana nozakwabo ophuma enkulisa yaMakhosi, uSfiso Timba, naye osanda kujoyina iGomora.
Amakhosi akholwa ukuthi laba badlali bazozuza lukhulu ngokudlala kwiMotsepe Foundation Championship kule sizini.
- FUNDA NALA | IPirates ishaqisile idedela umdlali onamava mahhala
Leli qembu linethemba lokuthi bazobuyela eNaturena sebengabadlali abavuthiwe futhi abakulungele ukufaka isandla empumelelweni yeGlamour Boys.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
