EzintshaOrlando Pirates

Unikwa inkontileka entsha unozinti weBucs 

Njengoba afika kwi-Orlando Pirates engazelelwe muntu, futhi engathenjiwe, uSipho Chaine usephenduke insika kuleli qembu.

Futhi manje leli qembu lisezinhlelweni zokumgixabeza ngenkontileka entsha yesikhathi eside ukukhombisa ukumethemba kwalo.

UChaine ufike kwiPirates eminyakeni emithathu edlule leli qembu lisenkingeni yokulinyalelwa onozinti balo bangaleso sikhathi oSiyabonga Mpontshane noRichard Ofori. 

Wayelandwe kade engadlali kwakudlala kwiChippa United futhi abanye babalandeli babethimula ngaye, bengakuboni angasiza ngakho iqembu. 

Kodwa manje akasaconsi phansi kubalandeli, futhi nabaphathi sebenqume ukusheshe bayixoxe naye eyokwelula inkontileka, ngokubika kwePhakaaathi. 

“UChaine wenze umsebenzi omuhle kakhulu kwiPirates futhi ikilabhu ifuna ukumklomelisa ngokumnika inkontileka entsha,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Ifuna ukukwenza lokho ngaphambi kokuthi inkontileka akuyo njengamanje iphele. 

“Ngizwa kuthiwa uzonikwa eyeminyaka emithathu enombandela wokwelula ngomunye unyaka.” 

Lokhu kusho ukuthi uChaine, oneminyaka engu-27 njengamanje, uzohlala kuleli qembu aze abe neminyaka engu-30. 

“Ithimba labaqeqeshi beqembu, nabaphathi bekilabhu bajabule ngoChaine, bafuna ahlale kwiPirates isikhathi eside,” kuqhuba umthombo.

“Yingakho befuna ukumnika inkontileka yesikhathi eside nje. Inkontileka entsha uzoyinikwa maduze futhi cishe uzoyisayina ngaphambi kukaJanuwari.” 

NgoJanuwari, uma uChaine engayisayini inkontileka entsha kwiPirates, uzovumeleka ukuxoxa namanye amaqembu njengoba kuzobe sekusele izinyanga eziyisithupha kwanayo njengamanje. 

UChaine uqale ibhola elikhokhelayo kwiBloemfontein Celtic ngo-2016 ngemuva kokukhushulwa esuka enkulisa yaleli qembu. 

Ekufeni kweCeltic, wathi qu kwiRoyal AM, wabe esedlulela kwiChippa la iPirates imtakule khona ekhuhla ibhentshi.

Manje usengomunye wonozinti abaphambili kuleli futhi usengenile nakwiBafana Bafana kaHugo Broos.