EzintshaKaizer Chiefs

UMonyane neso elihlukile ngokugileka kweChiefs kwiMTN8

U-Thabiso Monyane ukubuka ngeso elihlukile ukuhlulwa kwe-Kaizer Chiefs kwiMTN8 njengoba efuna lokhu bakuthathe njengento ebafaka ugqozi.

Amakhosi azobhekana neSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngoLwesithathu.

IChiefs ikhishwe yiGolden Arrows ngo-1-0 ngesikhathi ibuyela kwiMTN8 ngemuva kweminyaka emibili ingekho.

Manje Amakhosi sekumele azame indlela yokubuyisa umgqigqo wayo wokunqoba eqale ngawo kwiligi.

ISekhukhune iqale kahle kule sizini, njengoba isayinqobe yomibili imidlalo kuyo yonke imiqhudelwano.

Lo mdlalo uzophinde ubone uCedric Kaze ebuyela eSoweto neqembu lakhe elisha.

UKaze useqeqesha iSekhukhune ngemuva kokuhlukana neChiefs ekupheleni kwesizini edlule.

U-Thabiso Monyane uthi ukuhlulwa kwe-Kaizer Chiefs kwiMTN8 kubavusile abadlali futhi kwakhombisa izinto okumele bazilungise.

“Ukuhlulwa kwiMTN8 kusivivinye kakhulu njengeqembu,” kusho uMonyane. 

“Sikusebenzise njengogqozi lokuthuthukisa zonke izingxenye zomdlalo wethu.”

Uthi lesi sigameko sibe yisixwayiso kubo bonke abadlali, futhi manje basebenza kanzima ngaphambi komdlalo weSekhukhune.

“Kube yisixwayiso kithi sonke futhi silungiselela kanzima ukudlala neSekhukhune,” kusho yena.

UMonyane uyayihlonipha iSekhukhune, ayichaza njengeqembu eliqinile, eligijimayo nelihlelekile.

“Ngeke kube lula, kodwa yithuba lokuthi abafana benze umsebenzi odingekayo ukuze bathole umphumela omuhle,” kusho yena.

I-Kaizer Chiefs izoya kulo mdlalo ilengelwa umdlalo neMamelodi Sundowns ngempelasonto, kodwa u-Thabiso Monyane uthi iqembu alibhekile kude.

“Siyazi ukuthi iSundowns isilindile, kodwa sithatha igxathu elilodwa ngesikhathi. 

“Ukugxila kwethu njengamanje kuphelele kwiSekhukhune,” kusho uMonyane.